Ezemidlalo Ibhola

UMngqithi usola abaphathi beChiefs ngolwabaqeqeshi

Mthokozisi Mncuseni|Published

ISIKHULU seKaizer Chiefs, uKaizer Motaung Jr, sibhunga okuthile no-Arthur Zwane ngesikhathi esapheka leli qembu eminyakeni edlule

Image: Isithombe:BACKPAGEPIX

OMUNYE wabaqeqeshi abangafeli ngaphakathi uma kukhona okubadlayo, uManqoba “TV” Mngqithi, uwukhombe kubaphathi beKaizer Chiefs umunwe ebasola ngokungabi naso isineke nabaqeqeshi okunguSteve Komphela no-Arthur Zwane acabanga ukuthi ngabe kade balibeka ezingeni leli qembu laseNaturena.

IChiefs iqale isizini yeBetway Premiership ibalwa namanye amaqembu okufanele abhekwe ngenxa yokuqoqa amaphuzu zibekwa. Iwine imidlalo eyisihlanu yokuqala ilandelana.

Izinto sezishintshe kakhulu uma uqhathanisa nangaleso sikhathi kwazise uNasreddine Nabi owayengumqeqeshi sewakhonjwa indlela, kwasala uCedric Kaze noKhalil Ben Youssef ayefike nabo.

Laba baqeqeshi abasale kuNabi babanjiswe umsebenzi kuze kuphele isizini. Nokho kuyiwe ekhefini lemidlalo ye-Africa Cup of Nations (Afcon) ezoqala ngesonto elizayo eMorocco, sekukhona abalandeli baMakhosi abashaya amakhala ngamaqhinga kaKaze noBen Youssef.

UMngqithi opheka iLamontville Golden Arrows nosekungumlando ukuthi wake wamataniswa neChiefs ngesikhathi esanda kuhlukana neMamelodi Sundowns, ubekhuluma emcimbini wePremier Soccer League (PSL) neCarling Black Label eThekwini.

Indaba yeChiefs ingene ngesikhathi uZwane ebonga kuMngqithi ngokuma naye ngesikhathi zimnetha kwiChiefs ngaphambi kokuba asuswe esikhundleni.

“Engangikwenzela uZwane kwakuncike nasekutheni ngangiwubona umsebenzi wakhe kwazise wayefake iChiefs emdlalweni wamanqamu weCaf Champions League,” kusho uMngqithi.

“NakuSteve (Komphela) kwenzeka okufanayo, wakhonjwa indlela ekubeni ayebeke iqembu eduze nesicongo amasizini elandelana. Ukube abaphathi beChiefs baba nesineke ngoKomphela noZwane ngabe leli qembu kade labuyela esicongweni sebhola laseMzansi.

“Ngaphansi kwesandla sabo ngokwahlukana, iChiefs yayidlala leli okuthiwa linenkosi phakathi ekubeni bobabili futhi babenganikwa uhlobo lwabadlali olwalunikwa abanye abaqeqeshi beChiefs.

“Kuhle ngoba bobabili laba baqeqeshi baqhubeka nempilo kodwa okwehla kahle kakhulu wukuthi lapho bekhona manje bagila izimanga."

UKomphela waqashwa kwiChiefs ngoJuni ka-2015 ezongena endaweni kaStuart Baxter. Lo mqeqeshi oseyiphini kwiSundowns, wasula ngo-Ephreli ka-2018. UZwane waqashwa ngoMeyi 2022, lagqabuka ifindo ngoJuni ka-2024.