U-ELIAS Mokwana osesikwatini seBafana Bafana se-Afcon
Image: BACKPAGEPIX
UKUSHINTSHA umoya nokwamukela isinqumo somqeqeshi weqembu elisha sokumdlalisa endaweni angakaze ayidlale kube nomthelela ekutheni indodana yolahleko kwiBafana Bafana, u-Elias Mokwana, izitholele indawo esikwatini esiya kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ezoba seMorocco.
IBafana eyaba ngompetha be-Afcon ngo-1996, iboshelwe ku-Group B ne-Angola, Zimbabwe ne-Egypt esiwudle iphindelela lo mqhudelwano.
Ngaphambi kokubhekisa amabombo eMorocco, iBafana izozwana amandla neGhana ngoLwesibili ngo-4 ntambama, eDobsonville Stadium, eSoweto. Kwi-Afcon izovula ne-Angola ngoDisemba 22.
Kubadlali abahamba neBafana kukhona uMokwana owagcina ukubonakala kuyona ngoNovemba nyakenye. Kuthusile ukubonakala kwegama likaMokwana yize ayekhona ngesikhathi libuya nendondo yethusi kwi-Afcon yase-Ivory Coast nyakenye.
UMokwana ukhombise ukuzimisela kusukela ebolekiswe yi-Esperance de Tunis yaseTunisia kwi-Al Hazem edlala kwiPro League yaseSaudi Arabia.
Muva nje usephenduke umgadli kulandela isinqumo somqeqeshi we-Al Hazem, uJalel Kadri.
Lolu shintsho lumchazile uBroos futhi lokhu kuhlale obala enkulumweni yakhe ngesikhathi ememezela isikwati se-Afcon.
“Kangikufihli ukuthi ngiyakholelwa kubadlali basezimpondweni abanejubane namaqhinga ngakho-ke akufanele kwethuse ukuthi ngiqoke uMokwana,” kusho uBroos kwabezindaba.
“Kusukela ashintsha iqembu ukhombisa izimpawu zokuba fithi kanti ngiyakuqaphela nokuthi umqeqeshi wakhe umbophela njengomgadli kweminye imidlalo.
“Lokhu kungivuse emaqandeni ngokumsebenzisa njengomgadli uma eminye imidlalo iphoqa lokho."
UMokwana utshele abezindaba maphakathi nesonto ePitoli ukuthi ujabule ngokubuya kwiBafana yize kunezikhathi lapho ayeselahle khona ithemba.
“Akuzange kuhambe ngendlela engangifisa ngayo kwi-Esperance okuyinto eyakhubaza nefomu yami. Lokhu bekungenza ngisamukele isimo sami neBafana ngize ngilahle ithemba.
“Kungisizile nokho ukushintsha umoya ngoba kusukela ngifikile eSaudi Arabia ngizizwa ngiwumqemane kanti nasenkundleni ifomu yami iya ngokuya ibuya.
“Ngijabule ngendlela engachazeki ukuthi ngikwiBafana eya kwi-Afcon ekubeni kunezikhathi lapho bese ngiliphosile khona ithawula ngamathuba okuya eMorocco,” kusho uMokwana.