Ezemidlalo Ibhola

Kuzoqhuma isililo nge-Afcon kunanele izihosha kwawe-EPL

Mthokozisi Mncuseni|Published

INDEBE ye-Africa Cup of Nations (Afcon) ezobe ibangwa ngamazwe angu-24 kusukela ngoDisemba 21 eMorocco

Image: SITHUNYELWE

KUZOSALA kukhalwa emaqenjini asemibangweni eyahlukene kwi-English Premier League (EPL) njengoba inqwaba yezithenjwa zawo kuzomele ilubangise eMorocco ukuyomela amazwe kwi-Africa Cup of Nations (Afcon).

Ukuqala kwe-Afcon ngoDisemba 21 kuchaza usizi emaqenjini athile ase-England kwazise azolahlekelwa ngabadlali abaningi abamqoka isikhathi esingaphezulu kwenyanga.

Amaqembu okubalwa kuwona iLiverpool, Manchester United, Sunderland neCrystal Palace yiwona ahamba phambili kwazolahlekelwa ngabadlali ekubeni kukhona okukhona kuwona iChelsea ne-Arsenal angenabo abadabuka e-Afrika.

Njengoba imidlalo yamaqoqo ye-Afcon iqala ngoDisemba 21 kuze kube nguDisemba 31 kusho ukuthi usuku amaqembu angathola ngawo abadlali bawo (uma bephume kweyamaqoqo) kungaba uJanuwari 1.

Imidlalo yomkhumulajezi kwi-Afcon izoqala emuva kwalokho okuzitolika ngokuthi abanye abadlali ngeke babuyele emaqenjini abo ase-England kuze kube maphakathi kumbe ekupheleni kukaJanuwari.

IFifa ibeke umthetho wokuthi amaqembu anabadlali kwi-Afcon abekelwe kuze kube uDisemba 15 ukubadedela. ISunderland ifake isicelo sokuhlehliselwa lolu suku kodwa kusalindwe impendulo yale nhlangano eyengamele ibhola emhlabeni. 

Iyisithupha kuya kweyisikhombisa imidlalo emqoka ezokweqa uMohamed Salah kwiLiverpool nabadlali beManchester United uBryan Mbeumo no-Amad Diallo abayodlalela iCameroon nase-Ivory Coast ngokwahlukana.

Kule midlalo ezokweqa lezi zithenjwa kukhona neyeCarabao Cup, FA Cup neye-Uefa Champions League ezongena kuvuthondaba ngoJanuwari.

Abadlali okubalwa kubona uYoane Wissa waseDemocratic Republic of Congo (DRC) odlala kwiNewcastle, Yves Bissouma weTottanham waseMali no-Ismaila Sarr wase-Ivory Coast odlalela iPalace ngeke bayidlale i-Afcon ngenxa yokulimala. 

Ukuhluleka kweGhana ukuzibekisela indawo kwi-Afcon kusize iTottanham neBounemouth kwazise bazobe bedlala ngoJanuwari uMohamed Kudus no-Antione Semenyo ngokwahlukana.

Selulonke uhla lwabadlali bamaqembu ase-England abaya kwi-Afcon lumi kanje:

Aston Villa: Evann Guessand (Ivory Coast).

Bournemouth: Amine Adli (Morocco).

Brentford: Dango Ouattara (Burkina Faso) noFrank Onyeka (Nigeria).

Brighton & Hove Albion: Carlos Baleba (Cameroon).

Burnley: Axel Tuanzebe (DR Congo), Hannibal Mejbri (Tunisia) noLyle Foster (South Africa).

Crystal Palace: Chadi Riad (Morocco), Cheick Doucouré (Mali) noChristantus Uche (Nigeria).

Everton: Adam Aznou (Morocco), Idrissa Gueye no-Iliman Ndiaye (bobabili beSenegal).

Fulham: Alex Iwobi, Calvin Bassey noSamuel Chukwueze (bonke beNigeria).

Liverpool: Mohamed Salah (Egypt).

Manchester City: Omar Marmoush (Egypt) noRayan Aït-Nouri (Algeria).

Manchester United: Amad Diallo (Ivory Coast), Bryan Mbeumo (Cameroon) noNouassir Mazraoui (Morocco).

Nottingham Forest: Ibrahim Sangaré, Willy Boly (bobabili be-Ivory Coast), Ola Aina noTaiwo Awoniyi (bobabili beNigeria).

Sunderland: Arthur Masuaku, Noah Sadiki (bobabili beDR Congo), Bertrand Traoré (Burkina Faso), Chemsdine Talbi (Morocco), Habib Diarra (Senegal), Reinildo (Mozambique) noSimon Adingra (Ivory Coast).

Tottenham Hotspur: Pape Matar Sarr (Senegal).

West Ham United: Aaron Wan-Bissaka (DR Congo) noEl Hadji Malick Diouf (Senegal).

Wolverhampton Wanderers: Emmanuel Agbadou (Ivory Coast), Marshall Munetsi, Tawanda Chirewa (bobabili beZimbabwe) noTolu Arokadare (Nigeria).