UMDLALI wasemuva we-Orlando Pirates, uMbekezeli Mbokazi, ejabula noMakhehleni Makhaula emuva kokwehlula iMarumo Gallants emdlalweni wamanqamu weCarling Knockout ngoMgqibelo
Image: Isithombe:BACKPAGEPIX
UMBEKEZELI "TLB" Mbokazi ubhoboke ngazokukhumbula kwi-Orlando Pirates abeyidlalela okokugcina ngesikhathi iwina indebe yeCarling Knockout ngempelasonto edlule.
EZimnyama ziqukule indebe yesikhombisa eminyakeni emine ngemuva kokwehlula iMarumo Gallants ngegoli likaRelebohile Mofokeng ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane, ngoMgqibelo. Ziwine indebe yeMTN ngo-2022, 2023, 2024 nango-2025. Ziphakamise eyeNedbank Cup ngo-2022 nango-2023 njengoba sezihlabana ngeyeCarling ngo-2025.
Ibingekho indlela encomekayo iPirates ebingavalelisa ngayo uMbokazi osesayine kwiChicago Fire yase-United States of America azoqala kuyona ngoFebhuwari emuva komqhudelwano i-Africa Cup of Nations (Afcon). Nakuba abalandeli bebejabule ngokubona iqembu labo liqukula indebe yesibili ezinyangeni eziyisithupha kodwa bekunomunyu ngokuhamba kwentandokazi yabo ekade isiyinsika odongeni lwasemuva lweZimnyama.
"Akulula ukuthi ngihambe kodwa ngoba wumsebenzi ayikho into engizoyenza. Into engingayisho nje eqenjini wukuthi ngilifisela konke okuhle kwelizohlangana nakho. Ngisalithanda futhi ngiyohlezi ngilithanda ngenxa yokuthi lingikhulisile langenza umuntu langibeka ebalazweni. Ngilifisela inhlanhla," kusho uMbokazi kwiSABC.
"Into engizoyikhumbula kakhulu wukuthi ngithole abantu abalungile abangenze ngazizwa ngisekhaya, ngizokhumbula nezikhathi ezingijabulisile zokuqukula izindebe. Nginethemba lokuthi ngisazojabula kanye nabo ngoba ngeke ngiyeke ukubeseka."
UMbokazi nabanye abadlali abayisishiyagalombili basesikwatini seBafana Bafana esiya kwi-Afcon esiqale ikhempu ePitoli izolo ngaphansi kweso elibukhali lomqeqeshi, uHugo Broos. Abadlali bePirates abakwiBafana nguSipho Chaine, Nkosinathi Sibisi, Thalente Mbatha, Tshepang Moremi, Oswin Appollis, Evidence Makgopa, Mofokeng noSipho Mbule. I-Afcon izoqala ngoDisemba 21 iphele ngoJanuwari 18.
"Njengoba siya kwi-Afcon sisuka lapha eqenjini sibaningi, kumele sifike nawo lo mfutho. Sesingafika sigqugquzele nabanye, sibe nomoya owodwa sinqobe yonke into. Ayikho into ezosihlula uma sibambene silwa ngendlela efanele,"kusho uMbokazi.
Related Topics: