Ezemidlalo Ibhola

UChaine uputshuze imfihlo ngezindebe kwiPirates

Mthokozisi Mncuseni|Published

UNOZINTI we-Orlando Pirates uSipho Chaine

Image: SIGCINIWE

NAKUBA kubukeka sengathi kufanele ngabe abadlali be-Orlando Pirates sebekujwayele ukuqukula izinkomishi kodwa uSipho Chaine owayekhona uqala lo mgqigqo uveze ukuthi namanje kusewumuzwa okungelula ukuwujwayela.

UChaine ubesezintini ngesikhathi iPirates iqukula iCarling Knockout ngempelasonto edlule lapho inqobe khona ngo 1-0 wegoli likaRelebohile Mofokeng kwiMarumo Gallants, ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.

Lo nozinti owafika kwiPirates ngaphandle kwesasasa ngo-2023 kodwa osephenduke esinye sezithenjwa, ufake isandla esikhulu empumelelweni yakamuva yeBucs esiwine izicoco eziyisikhombisa eminyakeni emine. 

IBucs inqobe iMTN8 amahlandla amane, yengeza ngeNedbank Cup nayo kabili njengoba ivalele iFak’ Ugesi ngeledlule.

Yize sisobala isandla salo nozinti okunguyena yedwa ongaphunyuzwa kusukela kufike umqeqeshi, u-Abdeslam Ouaddou, kodwa uzwakale ezithobile ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ePolokwane.

“Ukuba nolwazi lokuthi siyingxenye yeqembu eliphilela ukuqoqa izinkomishi kugcina kwenza ube nomona wokufuna okunye ngokushesha,” kusho uChaine.

“Konke esikwenzayo sibeka iqembu phambili okuhlanganisa nokuyiwina imidlalo yamanqamu, hhayi ukufika kuyona.

“Impumelelo yePirates yakamuva yenza abanye babone sengathi kufanele ukuba sesikujwayele ukuqukula kodwa lowo phawini kawukho kwiPirates ngoba lokhu esikwenzayo yikhona vele okulindeleke kithina."

UChaine uvumile nokho ukuthi ukuwina kubenza bazizwe bebalulekile abadlali bePirates abasemabhukwini ayo nabebekhona kumasizini ambalwa adlule.

“Kuyaziwa ukuthi iPirates iphilela izinkomishi kodwa izibalo zamasizini adlule zikhomba ukuthi kukhona okuhle okwenziwayo ngaphakathi.

“Kumqoka ukubalula ukuthi ngesikhathi u-Ouaddou efika bekunongabazane ngaye kodwa ngiyethemba ukuthi lowo msindo usuphelile kwazise usekhombisilez ukuthi yini ayiphathele iPirates.

“U-Ouaddou ufice iqembu lenza kahle wangazixaka ngokushintsha kepha wafaka umqondo wakhe kulokhu obekuvele kukuhle nengicabanga ukuthi kube wumqondo ophusile,” kusho uChaine.

Kunomuzwa wokuthi iPirates ingase ikuqede ukukhonya kweMamelodi Sundowns ebholeni laseMzansi kule sizini.

Lokhu kuphinde kwakhuliswa wukumiswa kweBetway Premiership ngenxa ye-Afcon kuyilona leli qembu laseSoweto eliqhwakele okuyinto ejwayele ukwenziwa yiqembu eligcina ngokugoduka nesicoco ngoMeyi.