Ezemidlalo Ibhola

U-Ouaddou unomlayezo oqinile ehlomisa uMbokazi oseyodlala e-USA

Xolile Mpisane|Published

UMDLALI wasemuva we-Orlando Pirates, uMbekezeli ''TLB" Mbokazi, uqukule indebe yokugcina kweZimnyama behlula iMarumo Gallants kowamanqamu weCarling Knockout ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane, ngoMgqibelo

Image: Isithombe:BACKPAGEPIX

UDONSWE ngendlebe ngokuthi angakhohlwa lapho ephuma khona umdlali we-Orlando Pirates, uMbekezeli "TLB" Mbokazi obedlala umdlalo wokugcina kuleli qembu ngesikhathi lehlula iMarumo Gallants emdlalweni wamanqamu weCarling Knockout ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane, ngoMgqibelo.

EZimnyama eziqukule indebe yesibili kule sizini, sinqobe ngegoli likaRelebohile Mofokeng alishaye ngesikhathi esengeziwe. Kulo mdlalo bekunenjabulo ehambisana nomunyu kubalandeli beZimnyama kwazise bebevalelisa intandokazi yabo, uMbokazi, esisayine kwiChicago Fire yase-United States of America (USA). UMbokazi (20), uqale ukudlalela isikimu esikhulu sePirates ngoMashi esuka kweseDStv Diski Challenge, uzojoyina ozakwabo abasha ngemuva kwe-Africa Cup of Nations (Afcon) ezosongwa ngoJanuwari 18. 

Ushiye iPirates esedlale imidlalo engu-39 emiqhudelwaneni eyahlukene.

Umqeqeshi weZimnyama, u-Abdeslam Ouaddou, udalule amazwi awatshele lo mdlali odabuka KwaNibela, eHluhluwe.

"Ngeke ngisho ukuthi ukuhamba kwakhe wukulahlekelwa kwethu ngoba kufanele sicabange nokuthuthuka kwabadlali. Yindlela izinto ezihamba ngayo ebholeni. Ngifuna ukumfisela inhlanhla," kusho u-Ouaddou.

“Ngamtshela ukuthi kumele abeke iqembu endaweni yokuqala kwi-log, anqobe nendebe ngaphambi kokuthi ahambe. Ukwenzile lokho ngakho-ke akekho ongakhuluma ngoba uwenzile umsebenzi wakhe.

“Akumele akhohlwe yi-Orlando Pirates neqembu lesizwe. Ukuthi useya e-USA akusho ukuthi kumele ayeke ukuthuthuka.

"Ubemgumdlali omqoka eqenjini lethu. Kubaluleke kakhulu ukuba nomdlali wasemuva onejubane, okwaziyo ukudlala ibhola ngezinyawo, ukumaka futhi okwaziyo nokubanga ibhola emoyeni. Unekusasa elihle."

Unozinti wePirates, uSipho Chaine, uhambe emazwini ka-Ouaddou wafisela uMbokazi okuhle kodwa wathi bazomkhumbula eqenjini.

"Ukhombise ithalente elikhulu. Kunzima kakhulu ukuthola umdlali osemncane odlala sengathi usevuthiwe. Kuningi okuhle okusazokwenzeka kuyena," kusho uChaine.

“Sizokukhumbula abekwenza enkundleni kodwa esizokukhumbula kakhulu amancoko akhe nendlela abeyiyo eqenjini."

Ngaphambi kokulibangisa eMelika, uMbokazi kulindeleke ukuthi asize iBafana kwi-Afcon ezobanjelwa eMorocco kusukela ngoDisemba 22.