UMQEQESHI we-Orlando Pirates u-Abdeslam Ouaddou, ephahlwe yithimba labaqeqeshi abambisene nalo kweZimnyama
Image: BACKPAGEPIX
UBONA ukunqoba indebe yesibili ezinyangeni ezimbalwa efike kwi-Orlando Pirates kuwumphumela wokusebenza kanzima, ukubambisana, nokubekezelelana umqeqeshi weZimnyama, u-Abdeslam Ouaddou.
EZimnyama ziwine indebe yeCarling Knockout okokuqala ziguqisa iMarumo Gallants ngo 1-0 emdlalweni wamanqamu obusePeter Mokaba Stadium, ePolokwane, ngoMgqibelo.
Le ndebe bekungeyesibili kule sizini kuleli qembu lase-Orlando kwazise livule isizini ngokuvikela isicoco seMTN8.
Ngaphambi kokuqala kwesizini, abanye abalandeli nabahlaziyi bebeshaya amakhala ngokuqashwa kwalo mqeqeshi obepheka iGallants ngesizini edlule.
Izinkulumo ziqonge ngesikhathi iqembu linqotshwa emidlalweni emibili yokuvula iligi, liguqiswa yiSekhukhune United neGallants.
"Umuzwa uhlezi umuhle uma ninqobile. Sijabule kakhulu. Ngijabulela abadlali, abalandeli neqembu lonkana. Kuhle esesikwenzile kulezi zinyanga ezinhlanu sindawonye. Ngibonga nabaqeqeshi engibambisene nabo," kusho u-Ouaddou.
"Eqenjini elikhulu njengaleli isimo sisheshe siguquke. Ukuhlulwa imidlalo emibili kusho ukuthi indlu isuke isisha, sekufanele uthole izixazululo
"Ngeke ngiqambe amanga ngithi yayingekho ingcindezi kodwa uma ungakwazi ukumelana nengcindezi kufanele ungawuthathi lo umsebenzi.
"Abadlali bakwazile ukusheshe babambe indlela engifuna badlale ngayo. Nginenhlanhla ngoba ngisebenza eqenjini eliphethwe ngabantu abakwaziyo ukumela into yabo. Bebazi ukuthi leyo miphumela ibiyingxenye yokukhula kweqembu, banginika isikhathi. Kwamanye amaqembu awulitholi lelo thuba."
Ngaphandle kokunqoba le miqhudelwano emibili yomkhumulajezi, iPirates izoya ekhefini le-Africa Cup of Nations (Afcon) iqhwakele kwi-log yeBetway Premiership.
U-Ouaddou uthe ubalulekile ukuthi bangawulahli umgqigqo wabo kuleli khefu ukuze baqhubeke nokufeza izifiso zabo ngale sizini.
"Ibhola linzima ngoba uma ucabanga ukuthi konke kuhamba kahle bese uyalala, ibhola likufundisa izifundo. Kumqoka ukuthi siqhubeke nokunqoba imidlalo yethu, sizithobe, sihlale endleleni eqondile ukuze sifinyelele lapho sihlose ukuya khona," kuphetha u-Ouaddou.