Ezemidlalo Ibhola

U-Etzebeth ukhubaze iSharks wayishaya nasephaketheni ngesigwebo

Mthokozisi Mncuseni|Published

NGUMDLALI weHollywoodbets Sharks u-Eben Etzebeth omiswe imidlalo engu-12

Image: SIGCINIWE

ISIGWEBO okushaywe ngaso umdlali wamaBhokobhoko, u-Eben Etzebeth, ngenxa yecala lokukopolota iso lomdlali weWales emasontweni amabili adlule eCardiff, sithambise iHollywoodbets Sharks enkundleni saphinda sayishaya nasephaketheni.

Ikomidi eliqondisa ubugwegwe kwi-International Rugby Board (IRB) lithole u-Etzebeth enecala lokukopolota ngabomu iso lika-Alex Mann emdlalweni wamaBhokobhoko neWales okulandelwe yisigwebo sokweqiwa yimidlalo engu-12. Sekuwumlando ukuthi amaBhokobhoko anqobe ngo 73-0.

Ngokwabasondelene naleli komidi eliqondisa ubugwegwe, nakuba u-Etzebeth eshaywe ngoswazi oluncane kodwa phambilini kunabadlali abamiswa iminyaka ngenxa yaleli cala kwazise lithathwa njengelinye langaxoleleki emdlalweni wombhoxo.

Isigwebo sika-Etzebeth siqale ngoNovemba 25 nonyaka kuya kuMashi 28 wonyaka ozayo.

“Akukho lapho ngahlela khona ukuthi umunwe wami ngiwufaka esweni lomunye umdlali ngamabomu kodwa kangiphiki ukuthi kwenzekile,” kusho u-Etzebeth esitatimendeni abesithumele ekomidini ebelimshushisa.

Ngokuthola kwabazazi zonke ezombhoxo womhlaba bathi isigungu esiqondisa ubugwegwe kasizange sivumelane no-Etzebeth kodwa sibone isenzo sakhe singesokulimaza ngenhloso.

Ukutholakala kuka-Etzebeth enecala kushaye kakhulu iSharks kwazise ngeke imsebenzise kuze kube wuMashi wonyaka ozayo kodwa njengoba inenkontileka naye kumele iqhubeke nokumholela izizumbulu okuthiwa uzithola kuleli qembu laseThekwni.

Leli qembu elihaqwe wukulimala kwabadlali abamqoka ekubeni kuzoshintsha izandla nakubaqeqeshi, liphoqelekile ukuyidlala ngaphandle kwesithenjwa esikubadlali abahola kakhulu i-Investec Champions Cup neVodacom United Rugby Championship.

Imidlalo ezokweqa u-Etzebeth:

Kwi-Investec Champions cup

Toulouse v Sharks (Dec 7)

Sharks v Saracens (Dec 13)

Sale v Sharks (Jan 10)

Sharks v Clermont (Jan 17)

KwiVodacom URC

Sharks v Bulls (Dec 20)

Lions v Sharks (Jan 3)

Stormers v Sharks (Jan 24)

Sharks v Stormers (Jan 31)

Sharks v Lions (Feb 21)

Bulls v Sharks (Feb 28)

Sharks v Munster (Mar 21)

Sharks v Cardiff (Mar 27)