Ezemidlalo Ibhola

Kunovalo ngeChiefs ngokuphinda umlando omubi

Mthokozisi Mncuseni|Published

UFLAVIO Da Silva ozihola phambili ngamagoli kwiKaizer Chiefs

Image: BACKPAGEPIX

KULUKHUNI ukuqwashisa iKaizer Chiefs ngezinqumo okufanele izithathe njengoba kuzovuleka iwindi lokushintshana ngabadlali ngenyanga ezayo kodwa okusobala wukuthi kunenkinga yokugqoza kwamagoli osekuphele iminyaka ikhungethe leli qembu laseNaturena.

Lena yimpendulo yenye yezinkakha zeChiefs uDominic Isaacs ngesikhathi ibuzwa yiSolezwe ngokuthi sikhona yini isidingo sokuthi leli qembu lingene emakethe njengoba kuzovuleka iwindi lokuhwebelana ngabadlali.

Lo mbuzo ubususwe yinkulumo yelinye lamabamba kwiChiefs, uKhalil Ben Youssef, kulandela ukubambana kwaMakhosi ngo 0-0 neChippa United ngoLwesithathu ebusuku emdlalweni weBetway Premiership eNelson Mandela Bay Stadium, eGqeberha.

UBen Youssef uthe nakuba kuwumsebenzi wabo ukucija abagadli kodwa nabo kufanele bazinuke amakhwapha ngoba kunezinto abaqeqeshi abangenawo amandla okuzifaka kubadlali.

“Kuliqiniso ukuthi kungumsebenzi wethu ukucija abadlali kodwa akekho emhlabeni umqeqeshi onamandla okusiza umdlali ukuba athathe izinqumo ezingcono uma esenkundleni,” kusho lo mqeqeshi.

Kusukela ngesizini ka-2019/2020 iChiefs ayikaze ishaye amagoli eligi angaphezulu kwangu-34 emidlalweni engu-30. Kumanje isayibhakuzise amahlandla angu-13 inethi emidlalweni yayo engu-12.

UFlavio Da Silva onamagoli amane eligi nguyena ozihola phambili, alandelwe nguMduduzi Shabalala ngamathathu.

Nakuba u-Isaacs ekholelwa ekutheni izinto zeChiefs zizohlangana kodwa akaphumelanga obala nempendulo ngesikhathi ebuzwa ngeziyalo angazinika iqembu lakhe lakudala njengoba kuzovuleka iwindi lokushintshana ngabadlali ngenyanga ezayo.

“Kunzima ukuqoka ukuthi yiziphi iziyalo ongazinika iChiefs okwamanje ngoba ngaphandle kokugqoza kwamagoli akukho lapho ngibona khona kukhona inkinga,” kusho u-Isaacs.

“Indaba yamagoli isobala kodwa amagama abagadli abasemabhukwini eChiefs akhomba ukuthi kufanele ngabe kayikho le nkinga ekhona.

“Ake banikwe ithuba abaqeqeshi ababambile njengoba kuzoba nekhefu le-Afcon, mhlawumbe kuyothi kubuywa iChiefs ibe isihlangene."

Ngaphandle kukaDa Silva abanye abagadli abasemabhukwini eChiefs ngo-Etiosa Ighodaro, Khanyisa Mayo, Ashley du Preez, Tashreeq Morris noNaledi Hlongwane onganikwa ithuba yize ewaqhulula amagoli kwiDStv Diski Challenge (DDC).