NGOMPETHA bomlenze waseKapa weHSBC Sevens Series baka-2025 iBlitzbokke
Image: SITHUNYELWE
IBLITZBOKKE iqophe umlando ngokuba yiqembu lokuqala emlandweni elivikele isicoco somlenze waseKapa weHSBC World Sevens Series ngokunqoba ngo 21-19 kwi-Argentina kowamanqamu ngeSonto ntambama eCape Town Stadium, eKapa.
Ompetha bangonyaka odlule kulo mlenze babuye kunzima kwi-Argentina, banqoba ngemizuzu yokugcina emdlalweni obekungowesihlanu kulandelana kusukela kuqale umlenze waseKapa ngoMgqibelo.
Inkundla ivulwe nguLuciano Gonzalez nge-try ethulise inkundla yonke kulandela amaphutha eBlitzbokke abekhombisa izimpawu zokufuna kakhulu ukuwina.
Imizamo yeBlitzbokke iphendulekile ngesikhathi uDonovan Don ebuyisa leli qembu emdlalweni nge-try kodwa le njabulo isheshe yaphela eseshaya i-try yakhe yokuqala uMarcos Moneta oweqe amahlandla amabili umugqa.
Kulo mdlalo okuyiwe kuwona ekhefini i-Argentina ihamba phambili ngo 14-7 kube iyona futhi ebuya ngamandla kodwa ama-try kaSonwabo Sokoyi noChristoffel Grobelaar ngemizuzu yokugcina yiwona aqinisekise ukuthi iBlitzbokke iyiqembu lokuqala elivikele isicoco emlenzeni waseKapa weHSBC Sevens.
Ngaphambi kweyomkhumulajezi, iBlitzbokke ishanele kwasani eqoqweni ngokuyinqoba yonke imidlalo yayo yize ibiqhathwe namazwe obaziwayo ubunzima bawo kulo mqhudelwano.
IBlitzbokke iqale iqoqo ngokunqoba ngomzuzu wokugcina kwiFiji kuba wu 24-21 ngaphambi kokuguqisa iNew Zealand ngo 19-14 komunye obulukhuni zisuka.
Kowokusonga iqoqo, iBlitzbokke inenebule iGreat Britain ngo 41-7.
Ubunzima beFiji bufakazelwa wukulala kwayo indawo yesithathu kulo mqhudelwano ngokunqoba kwiFrance emdlalweni wokubanga indondo yethusi.
Emuva kokuwina iqoqo, iBlitzbokke ibhekane neFrance kowandulela owamanqamu nakhona leli qembu eliphekwa nguPhilip Snyman laphinde lanqoba ngo 22-17 kunzima.
Le wini ifake iBlitzbokke kowamanqamu efike kuwona yanqoba kwi-Argentina yize kunezikhathi lapho bekubukeka sengathi kuzobheda uhlelo kuleli qembu likaSnyman.
Kwabesifazane kukhonye i-Australia enqobe kwiNew Zealand ngo 26-12 kowamanqamu.