ABADLALI nabaqeqeshi be-Orlando Pirates bejabulela igoli likaRelebohile Mofokeng abagcine behlule ngalo iMarumo Gallants kowamanqamu weCarling Knockout ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane, ngoMgqibelo ebusuku
Image: Isithombe:BACKPAGEPIX
KUFEZEKE isifiso somqeqeshi we-Orlando Pirates, u-Abdeslam Ouaddou, ezakhe siwina indebe yeCarling Knockout ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane, ngoMgqibelo ebusuku.
Igoli eliweze eZimnyama lishaywe nguRelebohile Mofokeng emuva kokuthi isikhathi esijwayelekile somdlalo siphele zibambene ngo 0-0. Lena yindebe yesibili ka-Ouaddou ofike kweZimnyama kunokungabaza mayelana nokuthi uzokwazi ukuvala isikhala sikaJose Riveiro oshiye efake izindebe eziyisihlanu ekhabetheni lePirates. Ekuqaleni kwesizini uwine indebe yeMTN8 okuyiyona eshintshe okuningi ngendlela abalandeli abebembeka ngayo. Ngalokhu u-Ouaddou ufice irekhodi likaRiveiro owawina izindebe naleli qembu ngesizini yakhe yokuqala kwiPirates.
Ngemuva kowamanqamu weCarling, u-Ouaddou, uthe ubevele efuna ukuthi banike abalandeli babo isipho sikaKhisimusi ngokuwina le ndebe esibahlule iminyaka.
"Lolu wusuku olukhulu eqenjini, kubadlali, kwibhodi, kubaphathi beqembu nakubalandeli. Ngishilo ukuthi ngifuna sibanike isipho sikaKhisimusi futhi ngicabanga ukuthi yisipho sabo esihle. Kufanele ngibabongele abafana bami. Besazi ukuthi wumdlalo wendebe, unzima. Udinga umqondo nokudlala ngenhliziyo. Kusifanele ukuwina ngoba uma sibheka umdlalo wonke, esiwombeni sokuqala bekufanele sihambe phambili ngo 2-0. Lokhu wukunqoba okusifanele, kubafanele abadlali. Ngingumqeqeshi ojabule,"kusho u-Ouaddou kwiSupersport.
Lo mdlalo bekungowokugcina kumdlali wasemuva, uMbekezeli "TLB" Mbokazi osesayine kwiChicago Fire edlala kwiMajor League Soccer, e-USA.
Umdlali ovelele wosuku kube ngu-Oswin Appollis ovotelwe ngabalandeli abangu-8876, wagoduka nesheke lika-R100 000.
Related Topics: