URELEBOHILE Mofokeng we-Orlando Pirates okubhekwe ukuba athole amadlelo aluhlaza maduze
Image: BACKPAGEPIX
SEKUNGABA yiphutha kwi-Orlando Pirates ukugcina uRelebohile Mofokeng enye isizini ngoba ontanga yakhe sebeqalile ukuyikha ngamafosholo imali phambi kwakhe nokuyinto okungangabazeki ukuthi uyacabanga ngayo.
Lawa ngamazwi enkakha yePirates, uLucky “Phinda Mzala” Lekgwathi, ewatshele Isolezwe ngesikhathi iphawula ngamahlebezi akhomba uMbekezeli “TLB” Mbokazi kwiChicago Fire edlala kwiMajor Soccer League (MLS) yase-United States of America (USA).
Yize engekho ophumela obala ngikuhamba kukaMbokazi kodwa abazazi zonke bathi lo mdlali useqede konke naleli qembu leMLS azolijoyina emuva kwe-Africa Cup of Nations (Afcon) ezoqala ngasekupheleni kwenyanga eMorocco.
UMbokazi uhamba nje isashisa indaba kaMohau Nkota yokuthola amadlelo aluhlaza kwi-Al Ettifaq yaseSaudi Arabia ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2025/2026.
Kunengxenye yabalandeli bePirates ekholelwa ekutheni uMofokeng bekufanele ahambe kuqala kwazise nguyena owazakhela kuqala ugazi nakwiBafana Bafana kunoNkota noMbokazi.
Ngaphambi kokuqala kwesizini, kusabalale amahlebezi okuthi uMofokeng ufunwa ngamaqembu aphesheya kwezilwandle kodwa lokho kwagcina kuphelele emoyeni.
Nakuba uLekgwathi ebona uMbokazi ezofika adlule e-USA kodwa ubona kufanele kube nguMofokeng umdlali wePirates olandelayo kwabazodayiswa phesheya kwezilwandle.
“Isifiso sami esikhulu wukuthi umdlali wePirates olandelayo ozothola amadlelo aluhlaza kube nguMofokeng ngoba uma kungeyena kungase kube nenkinga,” kusho uLekgwathi.
“Ngiyayazi iPirates ukuthi kayishayi eceleni ngezinqumo. Yingakho ngingenalo kangako uvalo ngesimo sikaMofokeng. Kuyaphoqa nokho ukuthi kube nguyena olandelayo kwazise ontanga yakhe sebeqalile bayahamba.
“Amadlelo aluhlaza ahamba nempilo engcono yomndeni (womdlali), ngakho-ke ngiyazi ukuthi uMofokeng uyakubona okwenzekayo kwabanye abathola amaqembu phesheya kwezilwandle.
“Kuyisifiso sami ukuthi kumkhuthaze lokhu okwenzekayo bese kuba nguyena olandelayo. Nginovalo lokuthi uma lokhu kungenzeki mhlawumbe kukhona ukuphazamiseka okungase kubekhona.
“UMofokeng useqenini elikahle kwiPirates, ngakho-ke nginethemba lokuthi konke okumfanele uzokuthola njengoba bekutholile nabanye akhule nabo."
Ibalelwa ngaphezu kuka-R50 million imali okuthiwa yatholwa yiPirates ngoNkota osekuthiwa izohlomula ngo-R52 million ngoMbokazi.