UMDLALI weBafana Bafana uTshepang Moremi (ongemuva) noweZambia uJoseph Sabobo Banda, babalwa nabadlali okulindeleke ukuthi bazazise kwi-Afcon yanonyaka
Image: BACKPAGEPIX
UKUNGENA kwamazwe ayisikhombisa angaphansi kwesifunda iCosafa kwi-Africa Cup of Nations yanonyaka kubuyisa ithemba lokuthi angalekelelana ukuqeda isomiso sokuletha le ndebe e-Afrika eseNingizimu.
Kuzobe kuqala ukuthi lesi sifunda simelwe amaqembu amangaka njengoba iNingizimu-Afrika, Angola, Botswana, Comoros, Mozambique, Zambia neZimbabwe bonke bezibekisele izindawo kulo mqhudelwano ozoqala ngoDisemba 21 eMorocco.
Mabili kuphela amazwe angaphansi kweCosafa aseke aba ngompetha base-Afrika. Kwaqala ngo-1996 ngesikhathi iBafana bafana idla isicoco ekhaya, kwaphinde kwenzeka ngo-2012 iZambia idla umhlanganiso kowawuseGabon nase-Equatorial Guinea.
Kusukela lapho sekukhonye amazwe aseNtshonalanga kanye neNyakatho ne-Afrika. Ngo-2013 kwanqoba iNigeria, ngo-2015 kwaba yi-Ivory Coast, kwalandela iCameroon ngo-2017, i-Algeria ngo-2019, iSenegal ngo-2021, njengoba i-Ivory Coast iphinde yaba ngompetha kweyakamuva edlalwe ngasekuqaleni konyaka odlule.
Okunye okuqinisa amathemba amaqembu eCosafa wukuthi iningi lawo lingene ligijima kulo mqhudelwano ngokuqhwakela emaqoqweni abengelula.
I-Angola iqhwakele kuGroup F ebiqhathwe kuwona neGhana, Sudan neNiger, iZambia yenza okufanayo kuGroup G lapho ibiqophisana khona nompetha i-Ivory Coast, Sierra Leone neChad.
IComoros iqhubekile nokumangaza iqeda esicongweni kuGroup A obuhlanganise neTunisia, Madagascar neGambia, kanti iBafana Bafana nayo iphume phambili kuGroup K lapho ibigadulisana khona ne-Uganda, Congo neSouth Sudan.
IMozambique, Botswana neZimbabwe bona balale isibili emaqoqweni abo kweyokuhlunga.
Okunye okuqaphelekile wukuthi kukhona amaqembu eCosafa azoqala lo mqhudelwano eqoqweni elilodwa, okuchaza ukuthi angakwazi ukuhlanganyela izimbangi, asizane ukudlulela kweyomkhumulajezi.
Amaqembu amabili azoqhwakela eqoqweni ngalinye azozibekisela indawo kwiLast 16, ajoyinwe ngamane azoqeda endaweni yesithathu ngamaphuzu angcono.
INingizimu Afrika, Angola neZimbabwe bazosheshe bahlangane kuGroup B. kuthi iZambia neComoros batholane phezulu kuGroup A.
Amaqoqo e-Afcon yanonyaka
Group A: Morocco, Mali, Zambia, Comoros
Group B: Egypt, South Africa, Angola, Zimbabwe
Group C: Nigeria, Tunisia, Uganda, Tanzania
Group D: Senegal, DR Congo, Benin, Botswana
Group E: Algeria, Burkina Faso, Equatorial Guinea, Sudan
Group F: Ivory Coast, Cameroon, Gabon, Mozambique
Related Topics: