Ezemidlalo Ibhola

IChelsea ithwele amathemba ezimbangi kowe-Arsenal

Mthokozisi Mncuseni|Published

UNONI Madueke no-Eberechi Eze abangamathemba e-Arenal

Image: AESENAL/FACEBOOK

KUNOMUZWA wokuthi iChelsea FC iyona esiyithemba lokugcina kubalandeli bamanye amaqembu adlala kwi-English Premier League (EPL) amincele ukuthi i-Arsenal FC iqhubeke nokuqhuzuka esiwombeni sesibili sesizini njengoba kwenzeka cishe wonke amasizini.

IChelsea eshayela phezulu kulandela ukunqoba ngo 3-0 kwiFC Barcelona emdlalweni we-Uefa Champions League maphakathi nesonto izokwamukela i-Arsenal ngeSonto ngo-6 ntambama, eStamford Bridge, eLondon.

Ngenxa yomphumela onyakazise umhlaba wonke kwiChampions League ngoLwesithathu, i-Arsenal izofika eStamford Bridge ingenavalo kwazise iguqise ngo 3-1 eBayern Munich yaseGermany ekubeni leli qembu eliphekwa nguVincent Kompany belikhombisa izimpawu zokungashayeki kusukela kuqale isizini.

ISILOMO esisha seChelsea u-Estevao okubhekwe lukhulu kusona

Image: CHELSEA/FACEBOOK

Kuyisinongo esingazibeki ukuthi iChelsea isemhlane we-Arsenal kwi-log lapho behlukaniswe khona ngamaphuzu ayisithupha ekubeni sebedlale isibalo esilinganayo semidlalo.

Kuningi okuyizimpawu zokuthi i-Arsenal ngeke iwele esikhinsini esiwele kusona amasizini elandelana kodwa okuseqhulwini wuhlobo lwabadlali ebasayinisile njengoba bekuvuleke iwindi lokuhwebelana ngabadlali.

Abadlali abafana no-Eberechi Eze, Noni Madueke noMartin Zubimendi bafike bangena khaxa kwi-Arsenal kwaze kwangabonakala nokuthi kunabadlali abangekho ngenxa yokulimala njengoKai Havert noGabriel Jesus ukubala abambalwa.

Okusobala wukuthi uMikel Arteta kukhona akwenzile kubadlali bakhe basemuva okufakazelwa wukuthi kwiligi kusangene amagoli ayisithupha kuphela ngakuma-Gunners.

Kuyona yonke imiqhudelwano kule sizini i-Arsenal ike yadlala amahlandla ayisishiyagalombili ngaphandle kokungenelwa yigoli okungenye yezinto ezicacisile ukuthi kulokhu u-Arteta uza ngamandla nabafana bakhe.

Lo mdlalo ufike kahle kwazise iChelsea ikhombisa izimpawu zokudlondlobala ikakhulukazi uma ibheke namaqembu athathwa njengamakhulu.

Indlela enqobe ngayo kwiBarcelona ikuvezile ukuthi ingayiguqisa i-Arsenal uma bezoqhubeka nofomu abayikhombisile abadlali abahlanganisa u-Estevao, Moises Caicedo, Reece James noLiam Delap oshaye igoli lakhe lokuqala kwiBlues.

Kunezimpawu zokuthi umvusi wenyamazane obelimele uCole Palmer angase abuye kulo mdlalo ekubeni kungacaci ngokuthi uzobe esefithi ngokwanele yini uGabriel ovala emuva kwezika-Arteta.