Ezemidlalo Ibhola

ISharks izobuya ngemidlalo emqoka kwi-URC neChampions Cup

Xolile Mpisane|Published

IZELAMANI zakwaTshituka u-Vincent no-Emmanuel okubhekwe ukuthi zisize iHollywoodbets Sharks emidlalweni emqoka ezayo

Image: BACKPAGEPIX

UKUPHELA kwekhefu lemidlallo yamazwe ngamazwe emdlalweni wombhoxo kusho ukuthi isizoqhubeka imiqhudelwano yamaqembu lapho iHollywoodbets Sharks izoba namasonto amahlanu amqoka ngaphambi kokuthi kusongwe unyaka.

Ngemuva kokuyivula ngebatha isizini kwi-United Rugby Championship, leli qembu elizinze eThekwini lizithola lisondele ngasemsileni we-log futhi lidinga ukushintsha ukwenza ukuze libalwe nayisikhombisa azodlulela kweyomkhumulajezi ekupheleni kwesigaba samaqoqo.

ISharks ingashintsha isizini yayo ka-2025/26 ngokuthola imiphumela emihle emidlalweni ezayo emihlanu ezobe ihlanganise eye-URC neye-European Champions Cup.

Kwi-URC, leli qembu elizinze eThekwini lizobuya ngohambo olunzima lwase-Ireland lapho lizodlala khona neConnacht eDexcom Stadium, eGalway, ngoMgqibelo ngo-9.45 ebusuku.

ISharks isendaweni engeyinhle kwi-log njengoba ihlezi kweka-13 ngamaphuzu ayisishiyagalombili emidlalweni emihlanu. Inqobe umdlalo owodwa, yadlala ngokulingana kowodwa, yahlulwa kathathu.

Izobe isigxila emidlalweni emibili yamaqoqo yomunye umqhudelwano, i-European Champions Cup, lapho izodudulana khona neToulouse ekuhambeni ngoDisemba 7 ngaphambi kokwamukela iSaracens ekhaya ngoDisemba 13.

Izosonga unyaka ngokudlala imidlalo emibili ebalulekile nezimbangi zayo zaseNingizimu Afrika, iVodacom Bulls ne-Emirates Lions, ezobe imqoka ngokwamaphuzu kanye nomlando phakathi kwala maqembu.

Iqembu likaJohn Plumtree lizodudulana neBulls eHollywoodbets Kings Park ngoDisemba 20, bese ligadulisana ne-Emirates Lions eGoli ngoDisemba 27. 

Kuzobonakala ngokuhamba kwesikhathi ukuthi yibaphi abadlali abebeseqenjini lesizwe, amaBhokobhoko, lo mqeqeshi azokwazi ukubabophela kule midlalo, nalabo abadinga ukuphumula.

U-Edwill van der Merwe noGrant Williams bafakiwe eqenjini elizolibangisa e-Ireland liyodlala neConnacht.

Ikhefu kufanele ukuthi limnikile uPlumtree nethimba lakhe labaqeqeshi ithuba lokulungisa amaphutha agqame eqenjini lakhe emidlalweni emihlanu yokuvula isizini, ikakhulukazi emuva, lapho belingenisa khona ama-try kungenasidingo.