Ezemidlalo Ibhola

UBroos ethubeni lomunye umlando kwi-Afcon neBafana

Xolile Mpisane|Published

UMQEQESHI weBafana Bafana, uHugo Broos, onomsebenzi wokunciphisa isikwati esizodlala lwi-Africa Cup of Nations ngenyanga ezayo.

Image: BACKPAGEPIX

UMQEQESHI weBafana Bafana, uHugo Broos, kumfanele ukuthi anikwe ithuba lokuqedela umsebenzi awuqala ngesikhathi enikwa izintambo ngo-2021.

Lo mqeqeshi odabuka eBelgium useguqule iqembu lesizwe lakuleli laba yiqembu eliziphethe kahle, elincintisanayo namanye ahamba phambili kuleli zwekazi futhi elizethembayo.

Uma eselishiya ngemuva kweNdebe yoMhlaba ngonyaka ozayo, lizobe selibalwa namanye ahlonishwayo emhlabeni.

Lesi akusona isikhathi sokufaka izinongo angazidingi esitshulwini sakhe esekuneminyaka aqala ukusipheka, kodwa esokubheka ukuthi kuzophumani uma esephaka okokugcina.

UBroos ususe umsindo ezinkundleni zokuxhumana ngoMsombuluko ngesikhathi ekhipha uhla lwabadlali abangu-54 azokhetha kubona isikwati esizoya kodlala i-Africa Cup of Nations ezoqala ngoDisemba 21 eMorocco.

Yize bekhona abadlali okuvunyelwane ngabo ukuthi bekubafanele ukukhethwa noma ukusala ngaphandle, bakhona futhi nabasuse impikiswano. Into edale izinkulumo eziningi kube ukushiywa komdlali weWydad Casablanca, uThembinkosi Lorch, owenza kahle eqenjini lakhe kule sizini.

Okunye okushayise amakhala kubantu abaningi ukufakwa komdlali wasesiswini weMamelodi Sundowns, uThemba Zwane, yize esehlale isikhathi esiningi engadlali kule sizini ngenxa yokulimala. UZwane uphinde wathunukala esanda kubuya. 

UBroos usazokhetha abadlali abangu-26 noma abangu-27 azobabhalisa kwiCaf ukuthi yibona azohloma ngabo kwi-Afcon yanonyaka lapho iqembu lakuleli kubhekwe ukuthi liqhubeke lapho eligcine khona ngesikhathi lithola indondo yethusi e-Ivory Coast ngoFebhuwari wonyaka odlule.

Bekungokokuqala iqembu lakuleli libuya nezindondo kwi-Afcon selokhu lagcina liqeda endaweni yesithathu ngo-2000.

Akekho umqeqeshi oseke waya neBafana kwi-Afcon kabili kulandelana. Omunye oseke wahola iqembu lakuleli kuma-Afcon amabili, u-Ephraim ‘Shakes’ Mashaba, owalihola ngo-2004 nango-2015.

UBroos akagcinanga ngokubuyisa isithunzi seqembu lakuleli kwi-Afcon kuphela kodwa uphinde waqeda ishobolo lokuhluleka ukungena eNdebeni yoMhlaba ngokufaka elakuleli kwezodlalelwa e-United States, eMexico naseCanada ngonyaka ozayo.

 

Abazi kangcono bayaye bathi asikho isidingo sokulungisa into uma ingaphukile. Iqembu likaBroos liza kahle futhi lo mqeqeshi uyazenza izinguquko uma kukhona angakuboni kahle. Uyabafaka abadlali abasefomini abona ukuthi bayahambisana naye.

Lokhu kufakazelwa yindlela anike ngayo abadlali abasebancane abadlala emuva amathuba okunguMbekezeli Mbokazi, Khulumani Ndamane nabanye, ededela asebemnkantshubomvu. Nasesiswini bakhona asebanike amathuba muva nje njengoTshepang Moremi nabanye abadlala kahle emaqenjini abo.

Uma kukhona umdlali noma abadlali abasematheni kubalandeli kodwa lo mqeqeshi angababoni bezokwazi ukungena eqenjini lokudlala ngenxa yendlela yokudlala nezinye izizathu, unelungelo lokubashiya ngaphandle.

Okungeke kushintshe wukuthi umqeqeshi nomqeqeshi uhlulelwa ngemisebenzi yakhe kanye nezinqumo zakhe, futhi ngeke kushintshe nakuBroos. Okwamanje asimyeke enze into yakhe.