UMQEQESHI we-Orlando Pirates u-Abdeslam Ouaddou onqabile ukuphawula ngokupheshukelwa kwakhe yisitobha, uMbekezeli Mbokazi, esikhonjwa phesheya kwezilwandle
Image: BACKPAGEPIX
PHEZU kokuba sekucacela nekhasela eziko ukuthi iyavuthwa indlela ebheke phesheya kwezilwandle kaMbekezeli Mbokazi we-Orlando Pirates kodwa umqeqeshi, u-Abdeslam Ouadou, uzame ngakho konke ukuthi isigixivizo singafakwa nguyena.
Lesi sitobha saKwaNibela, eHluhluwe, sifunwa uthuli yiqembu elidlala kwiMajor League Soccer (MLS) Major Soccer League (MLS), iChicago Fire, lase-United States of America okuvela ukuthi izimisele ukumthenga ngemali engaphezu kuka-R50 million.
UMbokazi osematheni kulezi zinsuku, uwubuke nezihlwele umdlalo weBetway Premiership onqotshwe yiPirates ngo 2-0 kwiChippa United ngoLwesibili ebusuku e-Orlando Stadium, eSoweto. Kusukela kuphume izindaba zokuhamba kwalo mdlali kodwa iPirates ayikaze iziqinisekise. U-Ouaddou uzithole evalelwa ekhoneni ngabezindaba ngemuva komdlalo neChippa, uvele wazithukisa, waphika wama ngentaba.
“Akukho engikwaziyo okushintshile ngekusasa likaMbokazi ngaphandle kokuthi ungomunye wabadlali bami abamqoka nengithembele kubona kule sizini,” kusho u-Ouaddou.
“Okwenze ngingamdlalisi koweChippa wuhlelo lwethu lokuphumuza abadlali njengoba sinesikwati esikhulu kanti nemiqhudelwano esiyidlalayo miningi.
“Akukho okunye engikwaziyo ngaphandle kokuthi uyisitobha sePirates esimqoka."
Yize u-Ouaddou ekhuluma ngale ndlela kodwa kubukeke sengathi uMbokazi uyavalelisa kubalandeli bePirates abebephume ngobuningi e-Orlando Stadium, ngoLwesibili.
Abazazi zonke bathi ithimba elibhekele izindaba zikaMbokazi beliseMelika ngempelasonto lapho bekuyoqedwa khona konke ngaphambi kokuqala kwesizini ye-MLS ngoFebhuwari.
Ngale wini, iPirates ibambane neMamelodi Sundowns esesicongweni ngamaphuzu angu-25 yize leli qembu laseSoweto lisele ngomdlalo kompetha beligi.
“Besikulindele ukuthi umdlalo ubenzima njengoba iChippa ihlale yenza kodwa besingenawo uphawini wokungawuphenduli amaphuzu umdlalo esisele ngawo.
“Kayikho enye indlela ngaphandle kokucoboshisa kwasani olubekwa phambi kwethu uma sizimisele ngokushubisa umbango wesicoco. Ngizishaya isifuba ngabadlali abangawuqalanga umdlalo ngokungena enkundleni basinike lokhu ebesikudinga,” kusho u-Ouaddou.
NgoMgqibelo ngo-3.30 ntambama, iPirates izobhekana neDurban City emdlalweni wePremiership eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. EZimnyama zinethuba lokunyukela esicongweni se-log uma zingaqoqa amaphuzu amathathu kwiCity kwazise iSundowns isematasa nemidlalo yeCaf Champions League.
U-Ouaddou nabafana bakhe bazovala unyaka ngokubhekana neMarumo Gallants emdlalweni wamanqamu weCarling Knockout ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane, ngoDisemba 6.