Ezemidlalo Ibhola

Umbango wamaphuzu uzomisa ubungani kuRulani nabeDowns koweCaf

Mthokozisi Mncuseni|Published

OWAYENGUMQEQESHI weMamelodi Sundowns, uRulani Mokwena, ehleli noTeboho Mokoena eminyakeni edlule

Image: BACKPAGEPIX

UBUNGANI obuqhubeka phakathi kwabadlali abathile beMamelodi Sundowns nowayengumqeqeshi waleli qembu laseChloorkop, uRulani Mokwena, buzothatha ikhefu emdlalweni ka-Group C weCaf Champions League.

Lawa ngamazwi asakuphaka impi ashiwo ngu-Aubrey Modiba ngesikhathi ekhuluma nabezindaba emuva kokunqoba ngo 3-1 kwiSaint Eloi Lupopo yaseDemocratic Republic of Congo (DRC) eLoftus Versfeld Stadium, ePitoli, ngoMgqibelo.

Iwini yeSundowns kwiLupopo ibeke leli qembu eliholwa nguMiguel Cardoso esicongweni seqoqo ngaphambi kokubhekana neMC Alger yase-Algeria, ngoLwesihlanu, ebusuku ekuhambeni.

I-Alger iphekwa nguMokwena owadla inqwaba yezicoco neSundowns ngaphambi kokuthola amadlelo aluhlaza kwiWydad AC yaseMorocco, osekungumlando ukuthi akazinzanga kuyona.

UModiba, ongomunye wabadlali ababesondelene noMokwena, utshele abezindaba emuva kokunqoba kwiLupopo ukuthi bayijabulele iwini kodwa futhi ngeke bavume ukuthi ubungani babo noMokwena bume phakathi kwabo namaphuzu amathathu amqoka kolandelayo ne-Alger.

“Nakuba sijabule ngewini kodwa akumnandi ngokugcwele kithina sonke ngoba singenelwe yigoli ngesikhathi okuyicala ukuthi lingene ngaso ngakwiSundowns. Esiwombeni sesibili iSundowns idlale ngendlela engiyazi ngayo, nangempela sagcina ngokuwuthola umphumela ebesiwudinga," kusho uModiba.

Ukwamukele ukuthi ukubhekana noMokwena kuzoqale kungajwayeleki kodwa futhi akufanele bakuvumele ukuthi kubaphazamise. I-Alger izobhekana neSundowns izikhotha amanxeba kulandela ukwehlulwa yi-Al Hilal yaseSudan ngo 2-1 emdlalweni wokuqala wesigaba samaqoqo ngoMgqibelo.

“Mina nabanye ozakwethu sasinobudlelwano obuhle noMokwena ngakho-ke ungazicabangela nawe ukuthi kuzobanjani ukubhekana naye. Uyasazi sonke ekubeni nathi simazi ukusuka nokuhlala.

“Ngeke kujwayeleke ukumbona edlubhe umfaniswano ohlukile kunathi kodwa singabadlali bebhola elikhokhelayo naye ungumqeqeshi weqophelo eliphezulu. Sonke siyaqonda ukuthi kunomsebenzi okumele siwenze.

“Buzoke buthi ukuma kancane ubungani, sidlale siqede bese sibuye siqhubeka la sigcine khona ngobudlelwano bethu. Umdlalo wase-Algeria uzobanzima hhayi ngenxa kaMokwena yedwa.

"Sibhekene neqembu elinzima nelingompetha base-Algeria, okusiphoqayo ukuthi sizibambe ziqine," kusho uModiba.

Phakathi kwabadlali ababesondelene kakhulu noMokwena; singabala uModiba, Mthobi Mvala, Teboho Mokoena, Khuliso Mudau, Peter Shalulile noThemba “Mshishi” Zwane.