Ezemidlalo Ibhola

UBroos uzophindela kwi-Afcon neBafana ehlukile

Xolile Mpisane|Published

KUBHEKWE abazosala nabazohamba uma umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, esememezela iqembu lokugcina azoya nalo kwi-Africa Cup of Nations.

Image: BACKPAGEPIX

NJENGOBA sekubalwa izinsuku ngaphambi kokuthi umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, amemezele iqembu azoya nalo kwi-Africa Cup of Nations yanonyaka, okusobala wukuthi lizobe lihlukile kunelidlale eyakamuva e-Ivory Coast.

Nakuba lo mqeqeshi engakasiqinisekisi isikwati azohamba naso kulokhu kodwa sekucacile ukuthi bayinqwaba abadlali ababeyingxenye yeqembu elaqeda endaweni yesithathu ngonyaka odlule abangeke balubhade eMorocco.

Iqembu lakuleli labuya nezindondo zethusi ngokuguqisa IDemocratic Republic of Congo ngo 6-5 sekukhahlelwa amaphenathi ngemuva komdlalo owaphela zibambene ngo 0-0.

Kubadlali abangu-23 ababeqokiwe ngonyaka odlule, nabathathu ababezovala izikhala zabalimele, kukhona abaqhubekile nokukhathula indima enkulu kwiBafana. Abanye bangene baphuma kuleli qembu lesizwe, abanye basale endleleni. 

Izolo, uBroos umemezele uhlu lwabadlali abangu-54 azokhipha kulona azoya nalo kwi-Afcon yanonyaka.

Iqembu ngalinye livumeleke ukuletha amagama abadlali abangu-27 kodwa bangu-23 kuphela elikwazi ukubafaka ohlwini lwabazosebenza emdlalweni ngamunye.

UMDLALI wasesiswini, uTeboho Mokoena, ngomunye wababekhona kwi-Afcon edlule okubhekwe ukuthi uBroos aye nabo eMorocco.

Image: BACKPAGEPIX

Kubadlali abebekhona kwi-Afcon uBroos aqhubekile nokubathemba futhi okungathusa uma engabashiya kulokhu, kukhona uRonwen Williams nomunye unozinti uRicardo Goss, izitobha uNkosinathi Sibisi, Khuliso Mudau, Thapelo Morena no-Aubrey Modiba, abasesiswini uTeboho Mokoena noSphephelo Sithole, nabahlaselayo u-Oswin Appollis no-Evidence Makgopa. 

Sithe xaxa isibalo sabakhethiwe eqenjini le-Afcon edlule, abazolikhomba ibhanoyi elizolibangisa kulo mqhudelwano ozoqala ngoDisemba 21 usongwe ngoJanuwari 18 njengoba bengekho esikwatini sokuqala esimenyezelwe nguBroos. 

Kubona kubalwa uNyiko Mobbie, Grant Kekana, Terrence Mashego, Siyanda Xulu, Jayden Adams, Percy Tau, Thapelo Maseko, Mothobi Mvala, Thabang Monare, Veli Mothwa, Zakhele Lepasa, nababezovala izikhala uTapelo Xoki, Sibongiseni Mthethwa. 

U-PERCY Tau ngomunye wababeyizethenjwa zeBafana Bafana kwi-Afcon edlule kodwa okubukeka bengeke babuyele kweyanonyaka.

Image: BACKPAGEPIX

Abadlali abayile e-Ivory Coast nyakenye okungakacaci ukuthi bami kuphi ngenxa yokulimala nezinye izizathu ezenze bangadlala kakhulu kwiBafana kulo nyaka, kubalwa uThemba Zwane, Mihlali Mayambela no-Elias Mokwana.

UBroos ubafakile esikwatini asimemezele izolo, kodwa kungenzeka abanye babo bagcine bengafikanga "eKhenana".

Izikhala zabazosala kubhekwe ukuthi uBroos azivale ngalaba abafike bazinza eqenjini lesizwe ngemva kwe-Afcon, nalaba abashisayo emaqenjini abo okubalwa kubona unozinti uSipho Chaine, isitobha uMbekezeli Mbokazi, umdlali wasesiswini uSipho Mbule, abahlaselayo uTshepang Moremi noMohau Nkota nabanye. 

ULyle Foster, owakhetha ukungayi kwi-Afcon edlule ngenxa yokungabi esimweni esifanele ngokomqondo, kubhekwe ukuthi ahole iqembu phambili eMorocco. 

Yize kusengenzeka ukuthi uBroos afike nokuthile okumangazayo uma esememezela isikwati sokugcina kodwa baningi abadlali bakuleli abazobe bedlala okokuqala kwi-Afcon eMorocco.

KUBHEKWE isinqumo somqeqeshi uHugo Broos ngoTheba Zwane ohlale isikhathi eside engadlali ngenxa yokulimala.

Image: BACKPAGEPIX

Isikwati seBafana Bafana okuzokhethwa kusona esizoya kwi-Afcon eMorocco

Onozinti: Ronwen Williams, Ricardo Goss, Sipho Chaine, Renaldo Leaners, Darren Johnson, Brandon Petersen.

Izitobha: Khuliso Mudau, Fezile Gcaba, Thabang Matuludi, Thabo Moloisane, Khulumani Ndamane, Mbekezeli Mbokazi, Aubrey Modiba, Ime Okon, Samukelo Kabini, Keegan Allan, Vuyo Letlapa, Nkosinathi Sibisi, Malibongwe Khoza, Siyabonga Ngezana, Thapelo Morena, Thabiso Monyane, Tylon Smith, Fawaaz Basadien, Bradley Cross.

Abasesiswini: Teboho Mokoena, Luke Le Roux, Bathusi Aubaas, Thalente Mbatha, Siphesihle Mkhize, Siphesihle Maduna, Ndamulelo Maphangule, Siphephelo Sithole, Masindi Nemtajela, Mthetheleli Mthiyane.

Abaphambili: Oswin Appollis, Kamogelo Sebelebele, Patrick Maswanganyi, Iqraam Rayners, Mduduzi Shabalala, Mohau Nkota, Themba Zwane, Lyle Foster, Puso Dithejane, Bongokuhle Hlongwane, Tshepang Moremi, Mihlali Mayambela, Ashley Kupido, Evidence Makgopa, Sipho Mbule, Keletso Makgalwa, Shandre Campbell, Relebohile Mofokeng, Elias Mokwana.

USIPHO Mbule ngomunye wabadlali asebeziphendlele indawo eqenjini lesizwe abasethubeni lokuya kwi-Afcon eMorocco.

Image: BACKPAGEPIX