OMUNYE wababambe kwezokuqeqesha kwiKaizer Chiefs uKhalil Ben Youssef
Image: BACKPAGEPIX
ELINYE lamabamba abaqeqeshi kwiKaizer Chiefs, uKhalil Ben Youssef, liyaqonda ukuthi kuzophela ngaleli qembu laseNaturena ingakafudumali imidlalo yamaqoqo yeCaf Confederation Cup uma lizithambisa koka-Group D elizowudlala neZamalek SC yase-Egypt, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama, ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.
IChiefs ivule iqoqo leConfed Cup ngebatha ngesikhathi ishaywa yi-Al Masry yase-Egypt ngo 2-1 ngeSonto ebusuku, eSuez Stadium, e-Egypt.
Nakuba iChiefs ikhombise izimpawu zokumelana nakho konke obekulethwa yi-Al Masry, ikakhulukazi esiwombeni sokuqala kodwa kwesesibili izithambisile yagcina ngokuphunyukwa ngamaphuzu.
Womathathu amagoli angene esiwombeni sesibili. Inkundla ivulwe yiqembu lasekhaya ngephenathi kaBonheur Mugisha edalwe ngunozinti weChiefs uBendon Petersen. Kudlule imizuzu eyisikhombisa kwenzeke lokhu, walinganisa uDillan Solomons.
Usuyela emaphethelweni umdlalo, u-Inacio Miguel wenze iphutha elidale ukuthi i-Al Masry ithole igoli lokuwina nebelehlisela iChiefs endaweni yesithathu kwi-log kaGroup D.
Lesi sitobha sase-Angola sishumpuze ibhola kade kuyikhona lamfica elindile uMohamed Hashem, walibeka enethini.
Ngeke ibenaso isikhathi sokuzikhotha amanxeba iChiefs kwazise kule mpelasonto kumele yamukele iZamalek yakhona e-Egypt emdlalweni wesibili ka-Group D.
“Indaba yethu izophela ingakafudumali imidlalo yamaqoqo uma sizoya ngokuzithambisa kwiZamalek engadingi ukuchazwa uma kuza emlandweni wokudlala e-Afrika,” kusho uBen Youssef.
Lo mqeqeshi ukusho lokhu esithangamini nabezindaba lapho ebuzwe khona ukuthi ngabe uwabona ekhona yini amathuba okuthi iChiefs ihlule iZamalek ekubeni ingaphumelelanga ukwenza lokho kwi-Al Masry.
“Iningi labadlali bethu beliqala ukuba yingxenye yemidlalo yamaqoqo kwiConfed Cup okuyizinga elihluke kakhulu uma uliqhathanisa nePremier Soccer League (PSL),” kuqhuba yena.
“Amaphutha esiwenzile ngeke sibenawo uphawini wokuwaphinda kwiZamalek. Kuningi esikufundile ngamaphutha ethu kwi-Al Masry kodwa futhi siyaqonda ukuthi izinga lizonyuka kwiZamalek.
“Sinejoka lokufunda ngokushesha kulesi sigaba sebhola lase-Afrika bese siqala umkhankaso wokucoboshisa kwasani ekhaya, siyele okungenani ukugwema induku emidlalweni yasekuhambeni.
“Nakuba siphikwe wumphumela kodwa sidlale ngendlela engigculisayo kangangokuthi ngisho iphuzu belisifanele kulo mdlalo,” kusho uBen Youssef.