Ezemidlalo Ibhola

Ubulawa yisithukuthezi e-Austria owaqukula iNedbank neChiefs

Mthokozisi Mncuseni|Published

NGUYUSUF Maart owayengukaputeni weKaizer Chiefs osedlalela iqembu lase-Austria

Image: SIGCINIWE

UBULAWA yisizungu e-Austria, uYusuf Maart, owaba ngukaputeni wokugcina kwiKaizer Chiefs ukuqukula isicoco ngeNedbank Cup ngesizini edlule iguqisa i-Orlando Pirates eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

Emuva kokushayela iChiefs igoli lokuwina kowamanqamu weNedbank, okwaqondana nokuthi leli qembu laseNaturena liqede indlala yezicoco yeminyaka engu-10, uMaart wathola amadlelo aluhlaza e-Austria.

Yize okuningi kubukeka kuhamba kahle kusukela eqale impilo entsha neSV Reid edlala kwi-Austrian Bundesliga, kodwa lo mdlali waseKapa owakhulela kwiPirates uyakhala ngokubulawa wumzwangedwa.

Indlela akhulume ngayo uMaart kwi-website yeReid muva nje ikhombise izimpawu zokuthi lo mdlali akahambanga nomndeni wakhe ngesikhathi ethuthela kuleli zwe lase-Europe.

“Ngingedwa ezweni engingalazi nokudla kwakhona kuyangihlula ikakhulukazi uma ngikuqhathanisa nalokhu engikhule ngikudla eKapa,” kusho uMaart ethimbeni labezindaba leReid.

“Ngeke ngiqambe amanga, idolobha lihle ngendlela emangalisayo futhi linokuthula. Abantu bakhona bangamukela ngezandla ezifudumele kusukela ngifika.

“Inkinga enkulu kunazo zonke yisizungu. Ngingedwa lapha kodwa kuyangisiza ukuthi kukhona u-Antonio (Van Wyk) eqenjini naye ongowaseKapa. Mina naye siyaqinisekisa ukuthi siyazikhipha ngaso sonke isikhathi esisitholayo sibone izindawo.

“Kuzona zonke izingqinamba engibhekene nazo kodwa ngiyambonga uMdali ngokungivulela ithuba lokudlala e-Europe okuyinto ekade yaba yiphupho lami. Okunye nokunye sekuyolunga ngendlela,” kusho uMaart.

Kusukela efikile kuleli qembu elilele endaweni yesishiyagalombili kwi-log enamaqembu angu-12, uMaart usedlale imidlalo yeligi engu-13 kodwa ubengakalishayi igoli kanti nozakwabo ubengakabakheli lutho.

Zingcono izibalo zikaVan Wyk kuleli qembu kwazise kwengu-12 yeligi, useyibhakuzise amahlandla amane inethi kanti nozakwabo usebakhele amagoli amane.