OBENGUMQEQESHI we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, uphumele obala ngokuthi unesifiso sokuqeqesha iBafana Bafana emuva kweNdebe yoMhlaba
Image: Isithombe:BACKPAGEPIX
UMQEQESHI obengaconsi phansi kubalandeli be-Orlando Pirates ngaphambi kokuyishiya isigubhukane ngesizini edlule, uJose Riveiro, angawugxumela umsebenzi wokuqeqesha iBafana Bafana uma inhloko yayo, uHugo Broos, isithathe umhlalaphansi emuva kweNdebe yoMhlaba yaseCanada, Mexico ne-United States of America (USA).
Lokhu kushiwo nguyena lo mqeqeshi odabuka eSpain, ngesikhathi ekhuluma nabezindaba kulandela ukutheleka kwakhe eNingizimu Afrika, njengenxusa leCarling Black Label ematasa namalungiselelo omdlalo wamanqamu weCarling Knockout ozoba phakathi kwePirates neMarumo Gallants ngoDisemba 6, ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.
Ngesikhathi uRiveiro ehamba eMzansi ezinyangeni ezedlule, bekumuncu kubalandeli bePirates kwazise wayefike wayiphendula umshini wezinkomishi yize isicoco seligi sigcine simehlulile.
Ngesikhathi sikaRiveiro, iPirates idle isicoco seMTN8 amahlandla amathathu neNedbank Cup kabili.
Likhulu igidigidi ngokubuya kukaRiveiro eMzansi kwazise abanye bakumatanise nomsebenzi wokupheka iKaizer Chiefs yize ayekushilo ngaphambi kokuhamba kwakhe ukuthi akaziboni eqeqesha elinye iqembu lakuleli ngoba uyoze angene egodini eyiBhakabhaka.
Ngesikhathi ekhuluma nabezindaba eGoli, ngasekuqaleni kweSonto, ukuvumile ukuthi umsebenzi wokuqeqesha iqembu lesizwe uyamhalisa kodwa uma sekuhambe uHugo Broos.
Sekungumlando ukuthi uRiveiro akaseyena umqeqeshi kwi-Al Ahly emthathe kwiPirates waze wangayiqeda isizini neqembu ayesefana nobaba kubadlali balo.
“Ngabe ngisenga ezimithiyo uma ngithi ngingashalaza uma ngithintwa yiSafa ngomsebenzi kwiBafana kodwa emuva kweNdebe yoMhlaba,” kusho uRiveiro.
“Ukuqeqesha iqembu lesizwe lase-Afrika kuyangiheha ngoba kuvula ithuba lokusebenza kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) nakwiNdebe yoMhlaba.
“KwiBafana kungabalula kakhulu ngoba ubudlelwano bami nabantu baseNingizimu Afrika kabudingi ukuchazwa. Lo msebenzi udinga umqeqeshi ongeke agcine ngokubonakala ngoba iqembu lesizwe lizoba nemidlalo kepha kufanele naye afake isandla esibonakalayo ekuthuthukisweni kwalo kwebhola emazingeni aphansi.
“Ngingawugxumela umsebenzi weBafana ngenxa yokuvuleka kwamathuba engikhulume ngawo, uthando lwami lwezwe, ulwazi lwebhola laseMzansi enginalo nokuxhumana enginakho nabalandeli kungawenza ngiwuthokozele.
“Kusemqoka nokho ukukhuluma sibuye nganeno ngalo msebenzi ngoba unomnikazi futhi okufanele simhloniphe ngakwenzele ibhola laseNingizimu Afrika kusukela awuthatha eminyakeni edlule."