Ezemidlalo Ibhola

I-Arrows ikweleta uMutizwa izigidi

Xolile Mpisane|Published

UMGADLI weRichards Bay FC, uKnox Mutizwa, okweletwa yiqembu abelidlalela, iLamontville Golden Arrows, izigidi zemali

Image: BACKPAGEPIX

I-LAMONTVILLE Golden Arrows kumele ikhokhele umgadli uKnox Mutizwa izigidi zamarandi ngaphambi kokuthi ivunyelwe ukusayinisa abadlali abasha ngokwesinqumo esithathwe yikomiti leFifa elixazulula izingxabano, iFifa Dispute Resolution Chamber.

IFifa iyalele Abafana Bes’thende ukuthi bakhokhele lo mdlali odabuka eZimbabwe u-R2 178 000 ngokunqamula inkontileka yakhe. Inkontileka kaMutizwa ne-Arrows bekufanele iphele ngoJuni, ngonyaka ozayo.

NgoLwesibili, iFifa ikubeke kwacaca ukuthi i-Arrows kufanele iyikhokhe le mali, isiphelezelwa yinzalo uma silokhu siqhubeka isikhathi. Uma kungenzeki lokho, leli qembu elicijwa nguManqoba Mgqithi ngeke likwazi ukubhalisa abadlali abasha emawindini amathathu ezayo okuhwebelana ngabadlali.

Omele uMutizwa, uPius Ndubuokwu wenkampani iPCN Sportiva, uchaze ngokwenze bamangalela i-Arrows kwiFifa.

“Ngasekuqaleni kwalo nyaka, ngoMeyi, iqembu latshela uMutizwa ukuthi akasekho ezinhlelweni zalo, waze wakhishwa nakuWhatsApp weqembu,” kusho uNdubuokwu etshela Isolezwe.

“Kudlule isikhathi esingangenyanga sabe sesibhalela iqembu, sicela ukuba lisichazele. Besifuna liqinisekise ukuthi ngempela alisamdingi yini umdlali nezizathu zalokho. Asizange siyithole impendulo, kwaze kwadingeka ukuthi siye kwiFifa mayelana nokwephulwa kwenkontileka.”

UMutizwa udlale okokugcina kwi-Arrows ngo-Ephreli nonyaka, ngesikhathi inqotshwa AmaZulu FC emdlalweni weligi.

Ubengumdlali oqavile kuBafana Bes’thende kumasizini ayisikhombisa awachithe kuleli qembu njengoba eshaye amagoli angu-63 emidlalweni engu-231.

Ngesikhathi ethintwa Isolezwe ukuze aphawule ngalesi sinqumo, oxhumanisa i-Arrows nabezindaba uComfort Thusi, uthe iqembu alizimisele ngokuphawula ngalolu daba okwamanje.

UMutizwa ujoyine elinye iqembu laKwaZulu-Natal, iRichards Bay, ngoSepthemba nonyaka. Useyibhakuzise kane inethi emidlalweni eyisithupha aseyidlale kwiNatal Rich Boyz.