Ezemidlalo Ibhola

USilva ugabe ngesithunzi seChiefs koweCaf

Mthokozisi Mncuseni|Published

UMGADLI weKaizer Chiefs, uFlavio da Silva, uthembisa ukuqhubeka nokuqhulula amagoli kule sizini ka-2025/2026

Image: Isithombe:BACKPAGEPIX

AKUSHO lutho ukuthi umgadli omusha weKaizer Chiefs, uFlavio Silva, uwuqalile umdlalo kumbe ungene usuphakathi kodwa okusemqoka kuyena ukufaka ibhola enethini, asize leli qembu laseNaturena liqhubeke nonyawo oluhle eliqale ngalo isizini ka-2025/2026.

Lokhu kushiwo nguyena lo mgadli ethimbeni lezindaba laMakhosi njengoba leli qembu lizicijela umdlalo ka-Group D weCaf Confederation Cup elizowudlala ne-Al Masry yase-Egypt, ekuhambeni ngeSonto.

IChiefs ibuyele okokuqala emqhudelwaneni weCaf kusukela ngo-2021, lapho yaguqiswa khona yi-Al Ahly yase-Egypt kowamanqamu weChampions League.

Okusobala wukuthi kule sizini, iChiefs ikhombisa izimpawu zokuvuka emaqandeni. Lokhu kufakazelwa wukungena kwayo esigabeni samaqoqo kwiConfederation Cup nje. KwiBetway Premiership ihleli endaweni yesithathu kwi-log lapho isele khona ngamaphuzu amathathu kuphela kwiMamelodi Sundowns eqhwakele.

Kusukela efikile uDa Silva (29) waseGuinea-Bissau, iChiefs eyamthola kwiPersebaya Surubaya yase-Indonasia, useyibhakuzise amahlandla amane inethi emidlalweni yeligi eyisihlanu.

Nguyena lo mgadli ozihola phambili ngokuhlohlwa kwamagoli kwiChiefs yize evamise ukuqala ebhentshini.

Igoli lakhe lokuqala eMzansi, ulishaye ngesikhathi iChiefs yehlula iLamontville Golden Arrows ngo 1-0 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngo-Agasti. Uphine wayiwinisa ngo 1-0 kwiDurban City kuyona le nkundla emasontweni adlule.

“Kuliqiniso ukuthi angizange ngiqale kahle ngenxa yokuthinteka kodwa izinto ezifana nalezo azingidikibalisi ngoba ngiyaqonda ukuthi konke kunesikhathi sakho,” kusho uSilva.

“Okujabulisayo wukuthi izinto sezishintshile ngakho-ke nabalandeli bangalindela ukuthi ngiqhubeke nefomu engiyikhombise kule midlalo embalwa edlule.

“Kimina akusho lutho ukuyiqala imidlalo kumbe ukungena isiphakathi kodwa okungibusayo wukuthi ngiyakwenza yini lokhu engalandelwa khona okuwukushaya amagoli."

Lo mgadli ukwamukele ukuthi kuzoba nzima ukuqala ekuhambeni ne-Al Masry.

“Umqhudelwano esiwudlalayo kungenwa kuwona ngokuwina okuthile ngakho-ke kuyona yonke imidlalo sizobhekana namaqembu ekwaziyo ukuwina.

“Lesi yisigaba esikahle eqenjini elikhulu njengeChiefs ngoba esikwenza enkundleni kuzolekelelwa yisithunzi seqembu e-Afrika.

“Siya ngokuya siyahlangana. Akukona ukufisa kwami ngedwa kepha singabagadli beChiefs sifuna ukwenza konke okusemandleni kule sizini ukuthi iqembu lingashodi uma kuziwa kumagoli,” kusho uSilva.