NGUJOSE Riveiro owayengumqeqeshi we-Orlando Pirates
Image: BACKPAGEPIX
UMQEQESHI we-Orlando Pirates okusazothatha isikhathi ukuba bamkhohlwe abaxhumene naleli qembu, uJose Riveiro, uvule isifuba ngokungayithandi indlela ashiya ngalo leli qembu laseSoweto, ngasekupheleni kwesizini edlule.
URiveiro waseSpain, useNingizimu Afrika njengenxusa lakwaCarling Black Label lapho ezosiza khona ngokukhangisa imisebenzi yale nkampani nokukhulisa isasasa lomdlalo wamanqamu weCarling Knockout ozodlalwa yiPirates neMarumo Gallants ngoDisemba 6.
“Kangiyena umuntu othanda ukubheka emuva kodwa angikuthandanga ukuthi ngahamba isigubhukane kwiPirates,” kusho uRiveiro kwabezindaba.
“Nakuba ngingeke ngande kangako ngokwenzeka kodwa kwavunyelwana phakathi kwamaqembu (iPirates ne-Al Ahly yase-Egypt) ngoba kwakufanele ngiyoqala umsebenzi wokucijela iFifa Club World Cup.
“Ngiyakwamukela ukuthi kangiseyena umqeqeshi wePirates kodwa kangiyithandanga indlela engahamba ngayo. Nakuba ngikusho lokhu kodwa ngimile futhi nasekutheni kangizisoli nakancane ngokushiya iPirates.
"Ngizishaya isifuba ngomsebenzi engawenza kwiPirates kodwa angizange ngiwenze ngedwa. Nganginethimba labaqeqeshi, abadlali abazimisele ukufela enkundleni nabalandeli ababewa bevuka neqembu."