USIYABONGA Ngezana noThabiso Monyane ngabanye babadlali ababheke ukuthola indawo esikwatini seBafana Bafana esizodlala kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ngenyanga ezayo
Image: BACKPAGEPIX
AKALUFISI usuku okuyomele amemezele ngalo isikwati sabadlali beBafana Bafana abangu-23 abaya kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) umqeqeshi wayo, uHugo Broos, ngoba uyaqonda ukuthi ngalelo langa kuyoshabalala amaphupho emindeni ngenxa yezinqumo zakhe.
IBafana isilinde ukuthi kuqale lo mqhudelwano ngenyanga ezayo eMorocco kulandela ukusonga kwayo amalungiselelo ngokuxebula iZambia ngo 3-1 ngeledlule eNelson Mandela Bay Stadium, eGqeberha.
UBroos ozwakala sengathi useyela ngasemaphethelweni ngokuhlanganisa isikwati aya naso kwi-Afcon, utshele abezindaba ukuthi osekumhlupha wukwazi ukuthi kunamaphupho azoshabalala ngenxa yakhe.
Baningi abadlali abasengazifaka esikwatini sikaBroos kwazise kunezithenjwa zakhe ezibuya ekulimaleni okungacaci ukuthi zizokwenzenjani emidlalweni yeligi esele kusuka manje kuze kube kuvalelwa lo mqhudelwano oqala ngasekupheleni kwenyanga ezayo.
Abadlali okubalwa kubona uRelebohile Mofokeng, Siyabonga Ngezana noThemba Zwane bebengekho kwiBafana edlale neZambia kwazise basanda kubuya ekulimaleni.
UBroos ubekugcizelela ngesikhathi kuqhubeka ikhempu yakamuva yeBafana ukuthi abangekho ngenxa yokulimala akusho ukuthi ngeke esabheka ngakubona.
Lo mqeqeshi waseBelgium ubemile nasekutheni laba ababizile (kweseZambia) kodwa angajwayele ukubabiza, abanye babo benze kahle ngendlela yokuthi kunezinqumo okuzofanele aphinde abuyele kuzona.
“Sengicabanga usuku okuyofanele ngimemezele ngalo abadlali abangu-23 abaya kwi-Afcon. Kuyoba wusuku olunzima nolumuncu, hhayi kubadlali kuphela kepha nakimina,” kusho uBroos.
“Ngisenkingeni ngoba kulokhu nginabadlali abangaphezulu kwabangu-23 engingangabazi ukuthi ngisho ngingahamba nabo namuhla kwi-Afcon bazofika bangenzele umsebenzi.
“Kuyoba wusuku olunzima ngoba kuyoshabalala amaphupho emindeni ngenxa yezinqumo zami. Nakuba kunzima kodwa umsebenzi womqeqeshi yikhona ukuthatha izinqumo ezinzima.
“UKhulumani (Ndamane) ukhombise izimpawu zokwethuka kwiZambia kodwa kwiRwanda wayengomunye wababegqamile. Akuyena yedwa kepha kunabanye engingakazi ukuthi ngizokwenzenjani ngabo okungishiya ngisenkingeni.
“Kangilufisi lolu suku (engiyomemezela ngalo abaya kwi-Afcon) ngoba kukhona abayosala nezinhliziyo ezibuhlungu okukhona kubona nami uqobo."
UBroos ufisa iBafana iqale ikhempu ye-Afcon ngoDisemba 8.