UMSHINI weVAR osekuseduze ukuthi ubonakale eNingizimu Afrika
Image: BACKPAGEPIX
SEZISONDELE izinsuku zeVideo Assistant Referee (VAR) kwiPremier Soccer League (PSL) kulandela ukuqinisekisa kweSouth African Football Association (Safa) lezi zindaba ezizokwehla kahle kubathandi bakanobhutshuzwayo waseNingizimu Afrika.
Ezisematheni zikhomba ukuthi iVAR "izozanywa" okokuqala kweyandulela owamanqamu weNedbank Cup okuyinkomishi yePSL yokuvala isizini ngoMeyi.
Ikomiti leSafa elibhekele ukulethwa kweVAR ebholeni laseNingizimu Afrika eliholwa nguDaniel Bennett owayengunondweba wePSL no-Abdul Ibrahim ophethe onompempe kwiSafa beliseSpain muva nje.
Ngokuthola kweSolezwe, leli thimba beliseSpain ngenhloso yokuthola inkampani ezoqashwa yiSafa ukwenza lo msebenzi liphinde lithole nethuba lokuzifundisa ngakho konke elidinga ukukwazi ngokusebenza komshini weVAR.
ISafa ikuqinisekise ngasekuqaleni kwesonto lokhu ngesitatimende.
“Uhlaka lonondweba lweSafa ngokusebenza ngokubambisana nethimba elibhekele ngqo ukulethwa kweVAR eMzansi, selukuqaphelile ukuthi abathandi bakanobhutshuzwayo bafuna ukwazi ukuthi senzani ngeVAR,” kusho isitatimende.
“Kusemqoka ukuqaphela ukuthi iVAR iwuhlelo olubucayi futhi okuthatha isikhathi ukuthi kuqondane konke okufanele kuqondane. Ngakho-ke izinto ngeke zisheshe njengoba abalandeli befisa.
“Izinhlelo zihamba kahle kodwa zisesesigabeni sokuqala yingakho kungekho sithangami nabezindaba esesibiziwe.
“Ithimba elibhekele iVAR yilona elizokhipha zonke izimemezelo njengoba uhlelo luqhubeka,” kusho enye ingxenye yesitatimende seSafa.''
Ukufika kweVAR ebholeni laseMzansi kuzosiza nonondweba abadlalisa kwiPSL kwazise basaqhubeka nokukhombisa izimpawu zokuthi bayaludinga usizo ngezinqumo abazithathayo kweminye imidlalo.