I-KAIZER Chiefs okubhekwe ukuthi iqale imidlalo yamaqoqo yeCaf Confederation Cup ngegiya eliphezulu esonge ngalo eyokuhlungela lesi sigaba
Image: BACKPAGEPIX
IMAMELODI Sundowns, Stellenbosch FC neKaizer Chiefs bazongena esigabeni samaqoqo emidlalweni yeCaf bazi kamhlophe ukuthi banenselelo yokulikhuphula izinga kule sizini.
Amaqembu aseNingizimu Afrika asebenze kakhulu emiqhudelwaneni yezwekazi ngesizini edlule, okusho ukuthi azodlala kule sizini akufanele awone lowo msebenzi.
IMamelodi Sundowns ifinyelele kowamanqamu weCaf Champions League, yanqotshwa yiPyramids FC yase-Egypt ngo 3-2 uma sekuhlanganiswe imilenze yomibili.
IPyramids iyona futhi eyaqeda uhambo lwelinye iqembu lakuleli, i-Orlando Pirates, iliwashisa ijezi ngo 3-2 kowandulela owamanqamu.
EzikaMagebhula zihlulekile ukungena esigabeni samaqoqo kulokhu kulandela ukukhishwa yiSaint-Eloi Lupopo yaseDemocratic Republic of Congo (DRC) emzuliswaneni wokugcina wokuhlunga. Lokhu kusho ukuthi iSundowns izobe iyibambe yodwa impi kulo mqhudelwano.
Leli qembu lasePitoli, selike lakwenza lokhu kumasizini adlule kodwa kulokhu ingcindezi izobe ithe xaxa kumqeqeshi uMiguel Cardoso ukuthi alungise amaphutha enze baphunyukwa yisicoco ngesizini edlule.
KumaBrazilian akwanele ukunqoba isicoco seligi kuphela, abalandeli asebesithatha njengesinkwa semihla ngemihla kodwa bonke abaqeqeshi abaqashwayo banejoka lokunqobela iqembu iChampions League yesibili. AmaSandawana agcina ukuba ngompetha base-Afrika ngo-2016.
Kulokhu azovula neLupopo eLoftus Versfeld Stadium ngoMgqibelo ngo-3 ntambama. Emuva kwalokho, azodlala eminye kaGroup C ne-Al Hilal yaseSudan neMC Alger yase-Algeria, ephekwa ngowayengumqeqeshi weSundowns, uRhulani Mokwena.
IStellenbosch ebiqala ukudlala emqhudelwaneni weCaf ngesizini edlule, ifinyelela kowandulela owamanqamu weConfederation Cup, lapho ikhishwe khona yiSimba SC yaseTanzania.
Nakuba izinto zingalihambeli kahle iqembu likaSteve Barker kwiBetway Premiership, njengoba lisendaweni ka-15 ngamaphuzu ayisishiyagalolunye emidlalweni engu-12, lingayisebenzisa imidlalo yeCaf ukubuyisa ukuzethemba.
IStellies izovula eyamaqoqo ekhaya neqembu laseCongo, i-AS Otoho, ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane, ngeSonto ntambama.
Amanye amaqembu ezobhekana nawo kuGroup C yiCR Belouizdad yase-Algeria neSingida Black Stars yaseTanzania.
IKaizer Chiefs ezoyibamba kwiConfederation Cup neStellies, izobe ibuyela emqhudelwaneni weCaf okokuqala selokhu yaguqiswa yi-Al Ahly yase-Egypt ngo 3-0 kowamanqamu eChampions League ngoJulayi ka-2021.
Leli qembu liyiqale kahle isizini kwiligi yasekhaya kodwa laphinde laqhuzuka. Lizovula imidlalo yamaqoqo lizethemba kulandela imiphumela emihle emidlalweni yakamuva kwiPremiership nasemzuliswaneni wokugcina wokuhlungela iConfederation Cup.
Amakhosi azoqala imidlalo yamaqoqo ekuhambeni neqembu lase-Egypt, i-Al Masry, ngeSonto ntambama, ekuhambeni. Aqhathwe nelinye iqembu lase-Egypt, iZamalek, kuGroup D neZESCO United yaseZambia.
Ukwenza kahle kwamaqembu akuleli kule miqhudelwano yomibili kuzofakazela ukuqina kweligi yakuleli kuphinde kusize iqembu lesizwe ngokuqinisekisa ukuthi siyanda isibalo sabadlali abanesipiliyoni sokudlala emazweni ahlukene kuleli zwekazi.