ABADLALI beSaint-Eloi Lupopo babengakholwa ngesikhathi benqoba i-Orlando Pirates kumaphenathi kowokuhlungela iCaf Champions League.
Image: BACKPAGEPIX
INHLANGANO eyengamele ibhola e-Afrika, iConfederation of African Football (Caf), ichithe izikhalo ze-Orlando Pirates, yaqinisekisa ukuthi iqembu laseDemocratic Republic of Congo (DRC), iSaint-Eloi Lupopo, yilona elizodlala esigabeni samaqoqo kwiCaf Champions League ka-2025/26.
La maqembu abhekane emzuliswaneni wokugcina wokuhlungela isigaba samaqoqo lapho, kwanqoba iLupopo ngo 3-0 emlenzeni wokuqala eLubumbashi.
IPirates inqobe umlenze wesibili ngo 3-0 e-Orlando Stadium, eSoweto, kodwa yaguqa ngo 5-4 sekukhahlelwa amaphenathi.
Emuva kwalokho, iPirates imangalele iLupopo ikhala ngokuthi umqeqeshi wayo, uGuy Bukasa, bekungafanele ahlale ebhentshini kulo mdlalo ngenxa yokuthi ubemiswe yiCaf ngoSepthemba kulandela ukwaphula umthetho eqeqesha iqembu lesizwe lika-Under 20 laseDRC.
EZimnyama ziphinde zakhala ngokubhaliswa kanye namaphepha abadlali ababili, uHenoc Molia noRamos Kashala Wanet.
I-Caf izichithile zontathu lezo zikhalo. Nakuba uBukasa esamisiwe kodwa lokho kuthinta iqembu lesizwe laseDRC lika-Under-20.
IPirates iphinde yahlawuliswa u-USD 5000 (cishe u-R108,000) ngokungahlinzeki iLupopo ngezigqebhezane ezifanele ezingunyaza abadlali nezikhulu ukuba bangene ezindaweni ezithile enkundleni.
EzikaMagebhula ziphinde zahlawuliswa u-USD 20000 (imali elinganiselwa ku-R432,000) ngokufafaza amakhemikhali egunjini leLupopo lokushintshela e-Orlando.
ILupopo izobhekana neMamelodi Sundowns emdlalweni wokuqala wamaqoqo eCaf Champions League eLoftus Versfeld Stadium, ePitoli, ngoMgqibelo ntambama.
Related Topics: