NGUMQEQESHI weBafana Bafana, uHugo Broos, okuthiwa iSafa ingalokothi imxoshe
Image: BACKPAGEPIX
UNOZINTI owawina i-Africa Cup of Nations (Afcon) neBafana Bafana ngo-1996, uRoger De Sa, ukhulekela ukuthi iSouth African Football Association (Safa) ingavukwa wumkhuba wokugxambukela eqenjini lesizwe ngaphambi kwiNdebe yoMhlaba eMexico, Canada nase-United States of America (USA).
UDe Sa utshele Isolezwe ngoMsombuluko, ukuthi uzishaya isifuba ngokubuyela kweBafana ezingeni lomhlaba kodwa waveza ukukhathazeka ngesifo seSafa esijwayele ukuyivuka ngaphambi kweNdebe yoMhlaba.
Kusukela iBafana yabuyela ebholeni ngo-1994, isaphumelele amahlandla amabili ukuzifaka kwiNdebe yoMhlaba ngokuzizabalazela kodwa kunzima ukuziba ukuthi bobabili abaqeqesghi abenza lokho abazange bazidle izithukuthuku zabo.
UClive “The Dog” Barker ongasekho, wafaka iBafana kwiNdebe yoMhlaba yaseFrance ngo-1998 kodwa waxoshwa yiSafa ungakafiki umqhudelwabo. Umsebenzi wanikezwa uPhillip Troussier waseFrance.
Nango-2002, eKorea/Japan, uCarlos Queiroz wasePortugal owayeyihola izibekisela indawo, akazange azidle isithelo zalokho. ISafa yaqoka uJomo Sono ukuthi ahole iBafana kulo mqhuelwano.
Njengoba iBafana izoqala idlale i-Afcon eMorocco, ngenyanga ezayo, kunomuzwa wokuthi iSafa ingamjikela uBroos uma ibona sengathi ushaya udaka njengoba yenza kuBarker emuva kweConfederation Cup ka-1997, eyayise-United Arab Emirates (UAE).
“Ngesikhathi siwina indondo yethusi kwi-Afcon edlule, akekho owayekhononda kodwa muva nje ngiyabona kukhona abakhala ngokusala kwabadlali bamanye amaqembu,” kusho uDe Sa ngaphandle kokubiza igama leKaizer Chiefs.
“Lezi zinkonondo zingase zidale nokuthi iSafa iyibuke ngelinye iso indaba kaBroos uma kwenzeka engenzi kahle kwi-Afcon. Okusemqoka wukuthi iSafa ingalokothi yenze amaphutha afana nawaseminyakeni edlule ngoba amanye awo sisazizwa namanje izinhlungu zawo.
“Njengoba uBroos eseshilo ukuthi uyahamba emuva kweNdebe yoMhlaba, kabanqeni ukubuka lokho bese bemcupha ngento encane. Kuhle ngoba (uBroos) akayena umqeqeshi onengeka kalula.
“Kusemqoka ukuthi iBafana iye kwiNdebe yoMhlaba ngaphansi kwesandla sakhe lo mqeqeshi waseBelgium, ngoba kusukela athatha lo msebenzi inhlanhla yethu ebholeni lomhlaba kwaba sengathi iqala phansi."