Ezemidlalo Ibhola

UBroos usecula ingoma ehlukile ngoMshishi kwi-Afcon

Mthokozisi Mncuseni|Published

NGUTHEMBA Zwane noSipho Mbule ababukeka bezoba yizithenjwa zikaHugo Broos kwi-Afcon nakwiNdebe yoMhlaba

Image: BACKPAGEPIX

KUZWAKALA sengathi umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, usecula ingoma ehlukile mayelana nesithandwa sabalandeli, uThemba “Mshishi” Zwane, namathuba aso okuthola indawo eqenjini eliya kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ngenyanga ezayo.

Ngaphambi komdlalo wobungani weBafana neZambia, uBroos ubezwakala eseliphonsile ithawula ngokuhamba noZwane obuya ekulimaleni ekubeni i-Afcon isizoqala. 

UZwane uxinwe wukulimala kule sizini, okuze kwaphoqa uBroos ukuthi abheke engxenye ngomdlali azomsebenzisa njengenjini ehlanganisa isisu nabagadli.

Nakuba le ndawo uBroos wake wayinika uPatrick “Tito” Maswanganyi kodwa kugcine kucaca ukuthi uSipho Mbule nguyena ozogcina eyidlala kwi-Afcon.

Ngaphambi kokuqala kwekhempu yakamuva, uBroos ukhale ngesibalo semidlalo egijinywe nguZwane kwiMamelodi Sundowns nokuyilapho kubukeke sengathi usekwamukele ukusishiya lesi sithandwa sabalandeli.

“Mincane kakhulu imidlalo yeSundowns esele kusuka manje kuze kufike i-Afcon ngakho-ke kangicabangi ukuthi uZwane uzothola ithuba elanele lokuzibuyisela ekubeni qatha ngokwanele,” kwasho uBroos emasontweni amabili adlule.

UMbule obengomunye wabagqamile koweZambia ngempelasonto edlule eGqeberha, unconywe nguBroos nokuyilapho kuvele khona nokuthi ingoma ngathi isiyashintsha ngoZwane.

“Ngineme ngoMbule nangakho konke akwenzela iqembu lesizwe kusukela ngimbuyise kulona,” kusho uBroos esithangamini nabezindaba.

“UMbule ungumdlali engingadingi ukuchazelwa ngaye ngoba ungomunye wengabaqaphela kuqala ngesikhathi ngifika. Akwenzela iqembu lesizwe kukhulu kodwa futhi ngiyazi ukuthi usengafaka amanye amagiya.

“Uyakwazi okulindeleke kuyena kwiBafana. Indaba kaZwane ilele ekutheni iSundowns izomnika yini isikhathi esanele kule midlalo eyisalele ngaphambi kokuqala kwe-Afcon.

“Uma befithi ngokwanele bobabili uZwane noMbule, ngeke ngiliyeke ithuba lokuhamba nabo emqhudelwaneni ofana ne-Afcon. Okwamanje uMbule uyibambe kahle indawo kaZwane kodwa kangingabazi ukuthi kungasiqinisa nakakhulu ukubakhona kwabo bobabili eqenjini.

“Ngiyazi ukuthi ngangithe indaba kaZwane isingaze ibhekwe kwiNdebe yoMhlaba kodwa nakwi-Afcon siyamdinga uma efithi ngokwanele."