Ezemidlalo Ibhola

IChiefs engcupheni yokulahlekelwa yizethenjwa

Zakhele Xaba|Published

UMDLALI wasesiswini, uSibongiseni Mthethwa, ubalwa nabaphelelwa yizinkontileka eNaturena, ekupheleni kwesizini ka-2025/2026

Image: Backpagepix

PHEZU kokuba iKaizer Chiefs igxile emqhudelwani iCaf Confederation Cup kodwa ihlalelwe wumsebenzi wokuqala izingxoxo nabadlali abamqoka ezobadinga kuze kuphele lo mqhudelwano.

IChiefs isesigabeni samaqoqo kwiConfederation lapho ikleliswe khona kuGroup D obophele i-Al Masry neZamalek okungamaqembu ase-Egypt neZesco United yaseZambia.

Leli qembu libuyela emidlalweni yeCaf emuva kweminyaka lagcina ukudlala kuyona kwazise belingasazinqobi izindebe futhi lingasabonwa kwabanga isicoco seligi yeBetway Premiership.

Nakuba iChiefs ingene kanzima esigabeni samaqoqo kodwa kuheleza umoya wenjabulo ekhempini yayo nakubalandeli.

Nokho leli qembu lihlalelwe wumsebenzi wokuqala izongxoxo namanye babadlali abamqoka abaphelelwa yizinkontileka ekupheleni kwesizini elisengcupheni yokulahlekelwa yibona.

Iningi lalaba badlali bayizinsika zeqembu futhi lizodinga ukuthi isimo sabo somqondo sibe ngesihle njengoba lisemkhankasweni wokwenza kahle e-Afrika.

Ukuqala kwenyanga ezayo kuzobe kusho ukuthi abadlali okubalwa kubona uNkosingiphile Ngcobo oyintandokazi yabalandeli, Brandon Petersen, Bruce Bvuma (onombandela wokuyivuselela), Sibongiseni Mthethwa noGaston Sirino sebengasayina izinkontileka zesibambiso namanye amaqembu.

Abanye abadlali abangakazi ngekusasa labo nguGeorge Matlou onenkontileka ebivuselelwe ngonyaka, Dillan Solomons, Pule Mmodi noTashreeq Morris onyamanambana kubalandeli baMakhosi.

Nakuba iChiefs ingajwayele ukuvuselela ngokushesha izinkontileka zabadlali kodwa kuyaziwa ukuthi ukuba nenqwaba yabadlali engazi ngekusasa layo kungalenzela phansi iqembu elinezifiso zokwenza kahle kule sizini.

Ngaphandle kwabadlali, abaphathi beChiefs kufanele banqume ngekusasa labaqeqeshi abasabambile okunguCedric Kaze noKhalil Ben Youssef.

Ngemuva kokuhamba kukaNasreddine Nabi, iChiefs imemezele ukuthi laba baqeqeshi abebengabasizi bakhe bazobamba kuze kuphele isizini ka-2025/2026.

Lokhu kuqondana nokuphela kwezinkontilela abazisayina ekuqaleni kwesizini edlule befika noNabi.

Uma uKaze noYoussef behluleka ukwenza umsebenzi kwiChiefs, lokho kuyosho ukuthi abaphathi beqembu kufanele bathungathe omunye okungenzeka afike nabasizi bakhe. 

IChiefs isendaweni yesithathu kwi-log yePremiership lapho ibambene khona ne-Orlando Pirates ngamaphuzu angu-22.

NgeSonto, izovakashela i-AL Masry eSuez Stadium e-Egypt, koqala ngo-6 ebusuku.