ABADLALI be-Arsenal abawuhlupho ezitobheni zamanye amaqembu uBukayo Saka, Viktor Gyökeres, Eberechi Eze noJurrien Timber
Image: FACEBOOK / ARSENAL
NJENGOBA abadlali abaningi abadlalela amaqembu ase-Europe bematasa nemidlalo yamazwe ngamazwe kuleli khefu lokugcina leFifa lika-2025, kufanele ukuthi kukhona emiqondweni yabo ukuthi bamelwe ngomunye umsebenzi omkhulu uma sebebuyela emaqenjini abo.
Ukudlalwa kwemidlalo engu-10 noma ngaphezulu kumaligi amakhulu ase-Europe kusho ukuthi izinto seziyaqala ukuhleleka kuwona njengoba sekuqala ukucaca ukuthi yimaphi amaqembu azogcina esembangweni wesicoco seligi.
KwiPremier League yase-England, i-Arsenal esiqede endaweni yesibili kathathu kulandelana, izihola phambili ngamaphuzu angu-26 emidlalweni engu-11. Ilandelwa eduze yiManchester City neChelsea, kanye neqembu elisuka ehlathini, iSunderland elifike lamangaza iningi.
Isiqalile imibuzo yokuthi ngabe lena iyona sizini lapho iqembu likaMikel Arteta elizoqeda ngayo ishobolo lokuphelezela ompetha beligi noma lizophinda elidume ngazo yini, liyidedele ngasekugcineni.
Nakuba iqembu elivikela isicoco, iLiverpool, liyiqale ngomfutho isizini linqoba imidlalo emihlanu ilandelana, ukuphenduka ukudla kwesibhaxu emidlalweni yakamuva sekwenze lehlela endaweni yesishiyagalombili. Umqeqeshi walo, u-Arne Slot, unengcindezi yokulibuyisela emgqeni uma kubuywa ekhefini ukuze kusongwe unyaka selisendaweni ehloniphekile.
Kwiligi yaseSpain, iLa Liga, iReal Madrid ibuye ngamandla yahlala phezulu kwi-log ngamaphuzu angu-31 emidlalweni engu-12. Ukuthatha izintambo komqeqeshi omusha uXabi Alonso ekuqaleni kwale sizini, kulethe ukungabaza kubalandeli baleli qembu, bengazi ukuthi lo mqeqeshi osemusha uzokwazi yini ukumelana nengcindezi yokuhola iqembu elikhulu kangaka.
Nokho, usheshe wawehlisa amaphaphu ngokuthola imiphumela emihle ilandelana, waphinde wabuyisa izinduku enqoba izimbangi zabo ezinkulu iBarcelona, eyabukisa ngeMadrid ngesizini edlule iyinqoba kane emiqhudelwaneni ehlukene.
Kuyiwe ekhefini iBarca, engompetha bangesizini edlule, isilinciphisile igebe lamaphuzu lafinyelela kwamathathu. Lokhu kusho ukuthi iMadrid kufanele igweme ukulahla amaphuzu kule midlalo ezayo uma izimisele ngokusonga unyaka isaqhwakele.
Nakwiligi yase-Italy, iSerie A, ompetha bangesizini edlule, iNapoli, basayidedile inkundla esicongweni. Leli qembu elicijwa ngu-Antonio Conte, lisendaweni yesine kwi-log ngamaphuzu angu-22 emidlalweni engu-11.
Umqansa okufanele liwunyuke awuqongile njengoweLiverpool kwazise lona lisele ngamaphuzu amabili kuphela eqenjini elisaqhwakele, i-Inter Milan. Akulona lodwa leli qembu iNapoli ezobanga nalo isicoco kule sizini njengoba iRoma ne-AC Milan nabo bekhombisa ukuqina. Ngaphezu kwalokho kukhona neBologna ebukeka ifuna ukubalwa namaqembu amane azoqeda phezulu kule sizini.
Alukho ushintsho olungakanani kwiBundesliga yaseGermany lapho ompetha iBayern Munich bengakakhombisi khona izimpawu zokuthi bangasidedela isicoco seligi. Leli qembu lisaqhubeka nokudedela isimbambamba emaqenjini elihlangana nawo, hhayi kwiligi yasekhaya kuphela, kodwa nakwi-UEFA Champions League okukhombisa ukuthi liqine kangakanani.
Amaqembu anejoka lokuzama ukuketula leli qembu likaVincent Kompany yiRB Leipzig, Borussia Dortmund, VFB Stuggart nompetha bangesizini ka-2023/24, iBayer Leverkusen.
NakwiLigue 1 yaseFrance ompetha bangesizini edlule, iParis Saint-Germain, abayingeni eyokuzwisa amanye amaqembu ukuthi kunjani ukuqhwakela njengoba besaqhubeka nokuqhoqhobela indawo yokuqala kwi-log.
IPSG isihlanganise amaphuzu angu-27 emidlalweni engu-12 kodwa ayikho esimeni sokuthi ingacanasa ngokukhululeka kwazise amaqembu okubalwa kuwona iMarseille neRC Lens agade ukuthi iqhuzuke, bese eyagadla.
Ikhefu leFifa lifike kahle emaqenjini adinga ukuqala kabusha kodwa kungenzeka liwathikameze lawo abefuna ukuqhubeka nomgqigqo omuhle. Imidlalo okuzobuywa ngayo naleyo ezodlalwa kuze kuphele uDisemba izoba nomthethela omkhulu ekutheni yimaphi amaqembu azohlukanisa unyaka esashayela phezulu.
Related Topics: