UMDLALI wasesiswini weMamelodi Sundowns uTeboho Mokoena osedlale imidlalo engu-50 eqenjini lesizwe iBafana Bafana.
Image: BACKPAGEPIX
UTeboho Mokoena ufinyelele esigabeni esibalulekile ngoMgqibelo ntambama ngesikhathi edlala umdlalo wakhe ka-50 eqenjini lesizwe iBafana Bafana.
Lokhu kwenzeke iqembu lakuleli linqoba iZambia ngo 3-1 kowobungani ibuse Nelson Mandela Bay Stadium, eGqeberha.
Lo mdlali (28) oyibamba maphakathi esiswini ungomunye wabawumgogodla weBafana ngaphansi kwesandla somqeqeshi waseBelgium uTeboho Mokoena.
Wadlala okokuqala eqenjini lesizwe libhekene neBotswana kowokuhlungela i-African Nations Championship (CHAN) ngoJulayi ka-2017.
UYIGUBHE kahle imidlalo engu-50 kwiBafana Bafana uTeboho Mokoena benqoba iZambia ngo 3-1 kowobungani.
Image: BACKPAGEPIX
Ekhuluma neSABC ngemuva komdlalo, uMokoena ubonge bonke ababe nesandla ekutheni agcine efinyelele kuleli zinga.
"Sengihambe ibanga elide. Lolu wusuku olubaluleke kakhulu empilweni yami. Ngijabule kakhulu ngokufinyelela kuleli zinga lokudlalela iNingizimu Afrika izikhawu ezingu-50 futhi ngikubheke ngabomvu okusazokwenzeka," kusho uMokoena.
“Anginawo amazwi amaningi. Kufanele ngimbonge umqeqeshi uHugo ngoba ngidlale kakhulu eqenjini lesizwe ngaphansi kwakhe. Ngithanda nokubonga umqeqeshi uStuart Baxter njengoba kunguyena owaqala ukunginika kwiBafana.
"Ngibonga bonke abangesekayo nabangithumele imilayezo kuleli sonto. Ngeke ngimkhohlwe uPercy Tau ngoba emdlalweni wami wokuqala kwiBafana wayekhona futhi engikhuthaza. Nakuba engekho eqenjini manje ngifuna ukumbonga ngokungeseka ngaso sonke isikhathi."
UMokoena usehlohle amagoli ayisishiyagalolunye emidlalweni engu-50 ayidlalile kwiBafana. Elokuqala walishaya kowokuhlungela iCHAN bedlala neSeychelles ngo-2018, kanti elakamuva walibeka phakathi kowokuhlungela i-Africa Cup of Nations bedlala ne-South Sudan ngoNovemba nyakenye.
Related Topics: