PHEZU kokuba kuseqhulwini ukunqoba kuVela Khumalo ongumqeqeshi weqembu lesizwe labaneminyaka engaphansi kuka-17, Amajimbos, kodwa ufuna bakhombise umhlaba indlela yokudlala yaseNingizimu Afrika.
Amajimbos azibekisele indawo kwi-Last 32 weNdebe yoMhlaba eqhubekayo eQatar emuva kokuqeda endaweni yesibili ngamaphuzu amane kuGroup A esigabeni samaqoqo. Namuhla ngo-3.30 ntambama azobhekana neJapan emdlalweni wokuhlungela indawo kwi-Last 16 e-Aspire Zone - Pitch 3. Iqembu laseMzansi libalwa nayisishiyagalolunye kwayishumi ase-Afrika adlulele emzuliswaneni olandelayo.
Nakuba Amajimbos edlale kahle esigabeni samaqoqo kodwa uKhumalo akaneme ngokuhluleka kwabafana bakhe ukugcina ibhola, babheke phambili ngomfutho, okuyindlela yokudlala ethathwa njengeyaseNingizimu Afrika.
"Asidlali ngendlela yethu, asiwukhombisi umhlaba ukuthi thina sidlala kanjani. Sidlalela ukufika phambili ngokushesha kunokugcina ibhola sinyuke nalo kahle. Lokhu kufanele sikulungise ngoba sidlala indlela esingayazi neyenza singanethezeki. Sidlala ngokwesaba," kusho uKhumalo.
Lo mqeqeshi ungowokuqala owinise Amajimbos umdlalo kwiNdebe yoMhlaba kusukela leli qembu laqala ukudlala kulo mqhudelwano osukhiqize abadlali abaningi abazakhele igama emhlabeni. UKhumalo uchaze iJapan eqede eqhulwini ngamaphuzu ayisikhombisa kuGroup B njengeqembu elisheshayo okufanele baliqaphele.
"Bayiqembu eligijima umdlalo wonke futhi eliqatha. Thina sinethalente kunabo kodwa asinawo umfutho olingana nowabo. Uma sigijima njengabo noma siphaselana into engayi ndawo sizobe simosha umfutho esingenawo. Uma singagcina ibhola, sidlale ngendlela yaseMzansi, ngicabanga ukuthi kukhona esingaphuma nakho kulo mdlalo. Nginalo ithemba lokuthi singadlulela kwi-Last 16," kusho uKhumalo.
Amajimbos afulathele uMzansi ukuyodlala kwiNdebe yoMhlaba ngaphandle kokuzilungiselela okufanele ngenxa yesixakaxaka ehhovisi leSouth African Football Association (Safa). Lokhu kuholele ekutheni uKhumalo engabatholi bonke abadlali abefisa ukuhamba nabo.
Related Topics: