Ezemidlalo Ibhola

Kufezeke isifiso sikaBroos kuwina iBafana

Zakhele Xaba|Published

South Africa (1)3

Zambia (0)1

KWENZEKE obekufiswa ngumqeqeshi, uHugo Broos, iBafana Bafana yehlula iZambia emdlalweni wobungani eNelson Mandela Bay Stadium, eGqeberha, ngoMgqibelo ntambama.

Amagoli eBafana ashaywe ngu-Oswin Appollis, Mohau Nkota noSiphephelo Sithole ngokwahlukana kweziwombe. EleZambia libekwe enethini nguSabobo Banda sekusele amanenjana kuphele umdlalo.

Lo mdlalo bekungowokugcina wokuzicijela umqhudelwano i-Africa Cup of Nations (Afcon) ozoqala ngenyanga ezayo eMorocco. UBroos ubewusebenzisela ukubhekisisa abadlali azothembela kuwona lo mqhudelwano iBafana eqede kuwona endaweni yesithathu e-Ivory Coast nyakenye.

Maphakathi nesonto, lo mqeqeshi waseBelgium utshele abezindaba ukuthi ufuna ukuwina kwiZambia ukuze ezofika eshayela phezulu eMorocco. Kulo mdlalo unike ithuba abadlali abaningi okubalwa kubona unozinti uSipho Chaine noThabang Matuludi obanga ijezi noKhuliso Mudau emuva kwesokudla.

Emuva komdlalo, uBroos uthe:" Bekufanele sikwenze lokho ngoba bekungokokugcina sinethuba lokukwenza. Yikho ngesikhathi sekhefu sishintshe kakhulu. Bekungekuhle eqenjini kodwa kujwayelekile uma kufanele kungene abadlali abasha. Kuyadina kuwona wonke umuntu kodwa kulungile.

Asidlalanga kahle namuhla kodwa bekuzikhathi ezinhle. Uma senza okufanele sikwenze, sibheka phambili, siphasa phambili, bekusenza sibe yingozi futhi yilokho okwenze sathola amagoli. Asidlalanga kahle futhi besingasheshi ngendlela esiyijwayele kodwa kuhle ukuthi kwenzeke manje nokuthi kwenzeke phambili."

Enkundleni, iBafana iqale kahle iwulawula umdlalo kodwa ihluleka ukusebenzisa amathuba uma isifike phambili. Kuze kwayilungela sekusele imizuzu emithathu kuyiwe ekhefini ngesikhathi u-Appollis eqobela phakathi ibhola aliphaselwe nguSipho Mbule. 

Esiwombeni sesibili, iBafana ibuye noNkota ongene endaweni ka-Appollis obewuhlupho kwesokuqala. UNkota naye uthole ibhola kuMbule waphendula umdlali wasemuva weZambia ebhokisini, walibeka phakathi ngomzuzu ka-61.

Emuva kwalokho, iBafana ibisizenzela kwiChipolopolo. Emuva kwemizuzu eyisikhombisa, uSithole ungqofele phakathi ikhona kaNkota. IZambia ithole umthobanhliziyo ngomzuzu ka-90 ngonyawo lukaBanda obesanda kungena. 

Isikwati seBafana esizoya kwi-Afcon kulindeleke ukuthi simenyezelwe ekuqaleni kukaDisemba.