ABADLALI beBafana Bafana okubhekwe ukuthi baqhubeke lapho bagcina khona kowobungani neZambia namuhla
Image: BACKPAGEPIX
UMDLALO wanamuhla wobungani phakathi kweBafana Bafana neZambia uzonika iqembu lakuleli ithuba lokuqhubeka nerekhodi lalo elihle lokunganqotshwa emizuzwini engu-90 kusukela ngoJanuwari nyakenye.
IBafana neZambia bazozwana amandla emdlalweni ozoqala ngo-3 namuhla ntambama eNelson Mandela Bay Stadium, eGqeberha.
IBafana yagcina ukuhlulwa ngoJanuwari 16 nyakenye iguqiswa yiMali ngo 2-0 emdlalweni wamaqoqo we-Africa Cup of Nations (Afcon) eyayibanjelwe e-Ivory Coast.
Kusukela lapho iqembu lakuleli selidlale imidlalo engu-24 ngaphansi komqeqeshi uHugo Broos lingahlulwa emizuzwini engu-90.
Kule midlalo ayibalwa eyeCosafa neyeCHAN lapho amaqembu akuleli abecijwa khona ngabanye abaqeqeshi futhi kuqokwa abadlali abangadlali esikwatini sikaBroos.
Kule midlalo yakamuva engu-24, iBafana inqobe engu-14, yadlala ngokulingana kwengu-10.
Owodwa wemidlalo elawunqoba ngo 2-0 lidlala neLesotho ugcine uguquliwe emabhukwini, kwabhalwa ukuthi yaguqa ngo 3-0 kuwona ngenxa yokuthi ladlalisa uTeboho Mokoena ekubeni ayethole amakhadi amabili aphuzi kweminye imidlalo.
Komunye umdlalo we-Afcon yangonyaka odlule owaphela zibambene ngo 1-1 neNigeria, iqembu lakuleli lagcina likhishwe sekukhahlelwa amaphenathi.
Umdlalo iBafana eliwunqobe ngamalengiso kunayo yonke owokuhlungela i-Afcon eliwudlale neCongo ngo-Okthoba nyakenye lapho inqobe khona ngo 5-0 eGqeberha.
Okunye okuqaphelekile yindlela iqembu lakuleli eselivala ngayo emuva njengoba lingenelwe yigoli elilodwa emidlalweni engu-10 yakamuva. Lelo goli langena ngesikhathi ibambana ngo 1-1 neNigeria kowokuhlungela iNdebe yoMhlaba eBloemfontein.
UBroos uphawulile ngobumqoka bokuthola umphumela omuhle emdlalweni wanamuhla, ngisho kungowobungani.
“Kimina ayikho imidlalo yobungani. Yonke imidlalo idinga ukuthi sigxile kuyona futhi sizinikele ngokuphelele. Njalo sidlalela ukunqoba futhi lo mdlalo awuhlukile,” ubeke kanje lo mqeqeshi.
“Ngeke sikwamukele ukuhlulwa kulo mdlalo. Ngilindele ukuthi bonke abadlali bazimisele sengathi wumdlalo wokuhlunga. Kuzoba yithuba lami lokugcina lokuhlola abadlali abambalwa ngaphambi kokuphothula isikwati se-Afcon."
IBafana neZambia sebedlale imidlalo engu-24 selokhu babhekana okokuqala ngo-1992. IBafana inqobe imidlalo eyisithupha, iChipolopolo yanqoba eyisishiyagalolunye, kwathi eyisishiyagalolunye yaphela zibambene.
Related Topics: