Ezemidlalo Ibhola

AmaBokke azoqhubeka nokuzama okusha kowe-Italy

Xolile Mpisane|Published

USIYA Kolisi uzohola iqembu lamaBhokobhoko eligcwele abadlali abasebasha kowanamuhla ne-Italy

Image: BACKPAGEPIX

AZOZAMA elinye iqhinga amaBhokobhoko emdlalweni wanamuhla ne-Italy lapho ebheke khona ukuthi uMarco van Staden avale izikhala ezimbili.

Iqembu lakuleli ne-Italy bazotholana phezulu emdlalweni ozoqala ngo-2.40 ntambama e-Allianz Stadium, eTurin, e-Italy.

UVan Staden uzoqala kwi-looseforward lapho ezobambisana khona nokaputeni uSiya Kolisi benoBen-Jason Dixon.

Kuthenjelwe kuyena futhi uVan Staden ukuthi adlale nakwi-hooker uma kwenzeka ozoqala, uJohan Grobbelaar, elimala noma ekhathala. AmaBhokobhoko awanaye omunye umdlali odlala kwi-hooker ebhentshini.

“UMarco uyena esithembele kuyena ukuthi asisize endaweni ye-hooker yize ezoqala umdlalo kwenye indawo. Yinto ebesilokhu siyizama ngaye kule minyaka emihlanu edlule futhi eNdebeni yoMhlaba edlule wadlala kule ndawo sibhekene neTonga,” usho kanje umqeqeshi wamaBhokobhoko, uRassie Erasmus.

“Uma engakwazi ukudlala kahle kule ndawo ebhekene neqembu elithe ukuqina njenge-Italy, lokho sizokuthatha njengelinye igxathu elibalulekile. Kungenzeka izinto zingahambi ngendlela esihlele ngayo, uma kwenzeka lokho sizoqhamuka nelinye iqhinga.

“UMarco sifuna agcine esewumdlali ofana no-Andre Esterhuizen, akwazi ukudlala ezindaweni ezehlukene enkundleni.”

Amaqhinga amaBhokobhoko okushintshashintsha izindawo zabadlali azokwenza kungabi lula ezimbangini ukuqagela ukuthi ahloseni ngabadlali abasebhentshini.

Kulo mdlalo wanamuhla azobe ehlome ngama-prop amabili ebhentshini, uGerhard Steenkamp noWilco Louw, abadlala kwi-lock uRG Snyman noRuan Nortje, i-looseforward uKwagga Smith, abasemuva uGrant Williams noManie Libbok, kanye no-Esterhuizen oyibamba emuva naphambili.

U-Erasmus uphinde waphawula ngokuhlanganisa abadlali abathathu abasadlale kancane eqenjini lesizwe ukuthi baqale bodwa phambili kulo mdlalo.

UGrobbelaar, osedlale imidlalo emihlanu kumaBhokobhoko, uzobe eyibambe noBoan Venter, onemidlalo eyisithupha eqenjini lesizwe, noZachary Porthen, odlale okokuqala ngesikhathi amaBokke enqoba iJapan.

“Njengoba silinyalelwe ngu-Ox (Nche), kanti noMchunu (Ntuthuko) akakadlali kaningi kule sizini, sibone kungcono ukuthi sinike abanye abadlali ithuba. UThomas du Toit simbekele umdlalo esizowudlala ne-Ireland bese ebuyela eqenjini lakhe,” kusho u-Erasmus.

“Laba badlali benze kahle ngesikhathi sibafaka phambilini. Uma sibona ukuthi bayasindwa sinabo abadlali abanamava ebhentshini futhi abajwayele ukudlala ndawonye."