UNOZINTI weKaizer Chiefs uFiacre Ntwari
Image: BACKPAGEPIX
KULINDELEKE ukuthi abuyele enkundleni ngemuva kwe-Africa Cup of Nations (Afcon) unozinti weKaizer Chiefs, uFiacre Ntwari, ongase ahlale izinyanga ezimbili engadlali ngenxa yokuhlinzwa ehlombe.
Lo nozinti (26) ovimbela iqembu lesizwe laseRwanda usebenzise leli thuba lekhefu lemidlalo yePremier Soccer League (PSL) ngenxa ye-Afcon ukulungisa inkinga ebimhlupha yehlombe.
Njengoba iRwanda ingeke idlale kwi-Afcon ezoba seMorocco kusukela ngoDisemba 21 kuze kube uJanuwari 18, ngeke iphazamiseke ngokuhlizwa kwakhe.
Imidlalo yeChiefs azobe engekho kuyona kulo nyaka ngemibili yamaqoqo yeCaf Confederation Cup lapho izodudulana khona namaqembu ase-Egypt, i-Al Masry neZamalek, ezodlalwa kule nyanga, noweBetway Premiership ezowudlala neChippa United ohlelelwe uDisemba 3.
UNtwari ufike kwiChiefs ngoJulayi nyakenye ngemuva kwesizini enhle kwi-TS Galaxy, lapho edlale khona imidlalo engu-24 emiqhudelwaneni ehlukene. Kwengu-18 yeligi ayidlala, akangenelwanga magoli kweyisishiyagalombili.
Ngaphambi kokufudukela kuleli, wagqama kwiRwandan Premier League lapho adlalela khona amaqembu okubalwa kuwona i-APR FC, Intare FC ne-AS Kigali.
Ngesizini edlule udlale imidlalo eyisikhombisa kuyona yonke imiqhudelwano kwiChiefs, okungemihlanu yeligi nemibili yeCarling Knockout.
Umdlalo wokubika asawudlalile kuMakhosi kule sizini owe-Last 16 yeCarling Knockout ngesikhathi bebhekene neStellenbosch FC ngo-Okthoba 5. Lo mdlalo waphela zibambene ngo 0-0 ngaphambi kokuthi iStellies idlule ngo 5-4 sekukhahlelwa amaphenathi.
Abaqeqeshi beChiefs, uKhalil Ben Youssef noCredic Kaze, babefuna ukumkhipha uNtwari ngaphambi kokuthi kukhahlelwe amaphenathi kodwa wenqaba.
Wayivimba iphenathi eyodwa kodwa iqembu lakhe lagcina linqotshiwe.
Yize ijezi ebelizwa ngendaba kwiChiefs kodwa usathenjiwe eqenjini lesizwe laseRwanda njengoba edlale inqwaba yemidlalo yokuhlungela i-Afcon neNdebe yoMhlaba ngonyaka odlule nakulo nyaka.
Ugcine ukudlalela izwe lakhe ngesikhathi liqunjwa phansi yiBafana Bafana ngo 3-0 emdlalweni wokugcina wokuhlungela iNdebe yoMhlaba eMbombela Stadium, eMpumalanga, ngo-Okthoba 15.
IChiefs kulindeleke ukuthi iqhubeke nokuthembela kuBrandon Petersen ezintini kanti futhi ukhona noBruce Bvuma benonozinti osemncane uKarabo Molefe.
Related Topics: