UMDLALI weBarcelona, uLamine Yamal, ohoxisiwe eqenjini lesizwe laseSpain.
Image: FACEBOOK / FC BARCELONA
KUSAKHONA ukushayisana phakathi kweBarcelona neqembu lesizwe laseSpain mayelana nokusetshenziswa komdlali osemncane oshisayo, uLamine Yamal.
Lo mdlali (18) ubefakiwe esikwatini seSpain esizodlala neGeorgia neTurkiye kweyokuhlungela iNdebe yoMhlaba kodwa wahoxiswa ngemuva kokuthi iSpanish Football Federation (RFEF) itshelwe ukuthi uhlinzwe kwi-groin ngobuchwepheshe besimanje ngoMsombuluko, okuwusuku okwakufanele afike ngalo ekhempini yeqembu lesizwe.
Nakuba iSpain isesicongweni eqoqweni layo ngamaphuzu angu-12 emidlalweni emine, kumnengile umqeqeshi, uLuis de la Fuente, ukuthi uzodlala le midlalo emikhulu ngaphandle komunye wabadlali abamqoka.
"Angikaze ngihlangabezane nesimo esifana nalesi. Besingazi lutho, asitshelwanga lutho, sizwe sekuthiwa ngeke akwazi ukudlala. Isimo esinje sikushiya umangele,” kusho uDe La Fuente ecashunwa yiSky Sports.
I-RFEF ikhiphe isitatimende izwakalisa ukumangala nokukhathazeka ngokuthi iBarca ayibonisananga nayo ngaphambi kokuhlela loku "kuhlinzwa" kukaYamal kodwa iqhamuke isiletha incwadi yodokotela ethi kufanele aphumule izinsuku eziyisikhombisa.
Izinkinga ziqale ngoSepthemba, ngesikhathi uYamal ebuya eqenjini lesizwe elimele. Empeleni wathunukala kwi-groin, nokuyinkinga iBarca eyaziyo kodwa umqeqeshi waleli qembu, uHansi Flicki, usole iqembu lesizwe ngokumdlalisa isikhathi eside kakhulu lo mdlali.
"Ubehambe neqembu lesizwe engekho esimweni esifanele, ubengakwazi nokuziqeqesha kodwa bamnike amaphilisi ezinhlungu ukuze adlale. Bebengakwazi ukumkhipha uma iqembu selihamba phambili ngamagoli amathathu kodwa bamdlalise imizuzu engaphezu kwengu-70 kuyona yomibili imidlalo. Lokho akukhombisi ukunakekela umdlali," kusho uFlick ngoSepthemba.
Lokho kulimala kuholele ekutheni uYamal ahlale amasonto amane engadlali kwiBarca.
Yize ebuyile emidlalweni eyisithupha yakamuva yeBarcelona, washaya amagoli amane, waphinde waba nesandla kwamanye amathathu, uFlick ubona esadinga ukunakekelwa kuze kulunge le nkinga emhluphayo ye-groin.
"Kumele simnakekele, le nkinga ayikapheli. Sidinga ukumvikela, singenzeli thina kuphela nje kodwa neqembu lesizwe,” usho kanje uFlick ngemuva kokuthi ezakhe zinqobe iCelta Vigo ngo 4-2 ngeSonto.
UDe La Fuente usivale ngoJorge de Frutos weRayo Vallecano isikhala sikaYamal eqenjini lesizwe.
ISpain izotholana phezulu neGeorgia kusasa ngo-7 ebusuku, bese ibhekana neTurkiye ngoLwesibili ngo-9.45 ebusuku.
Related Topics: