UMANDLA Masango owayengaconsi phansi kubalandeli beKaizer Chiefs eminyakeni edlule, ukhuza eyokujikela umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, ngenxa yokungabaqoki abadlali baleli qembu.
IBafana izobhekana neZambia emdlalweni wobungani eNelson Mandela Bay Stadium, eGqeberha, kusasa ngo-3 ntambama. Lo mdlalo uzoba ngowokugcina weqembu lesizwe ngaphambi kokuqala kwe-Africa Cup of Nations (Afcon) ezoba seMorocco, ngenyanga ezayo. UBroos ukubeke kwacaca ukuthi leli yithuba lokugcina alinika abadlali ukuthi bamkhombise abangakwenzela iBafana. Kule khempu, akekho noyedwa umdlali weChiefs okuyinto ethukuthelisa abalandeli. Bebefuna uBroos aqhubeke noShabalala osefomini kulezi nsuku.
"Ngicabanga ukuthi wenza umsebenzi omuhle, ungumdlali osemncane onesibindi. Yilokho okudingayo ukuze uyibambe eqenjini elikhulu njengeChiefs. Kufanele aqhubeke nokusebenza kanzima, angapheli mandla ngoba yonke into ngaphansi komthunzi welanga inesikhathi sayo. Ngijabule ngendlela athuthuka ngayo. Akufanele sifake ingcindezi ngokuthi afakwe eqenjini lesizwe okwamanje, inqobo nje uma ebizwa ezothola leso sipiliyoni. Manje uzothola ithuba lokudlala kwiCaf Confederation Cup. Lokho kuzomsiza njengoba ekhula," kusho uMasango.
UMasango ukhuze abalandeli beChiefs "ngenzondo" okubukeka iqhubeka ezinkundleni zokuxhumana ebhekisiwe kuBroos ngenxa yokushiya ngaphandle abadlali baMakhosi. Ezinyangeni ezedlule, lo mqeqeshi ubelimisa ngesihloko elokuthi abekho abadlali kwiChiefs engabaqokela kwiBafana ngoba ayenzi kahle. Esikwatini sikaBroos sekugcwele abadlali be-Orlando Pirates nabeMamelodi Sundowns okwenze abalandeli beChiefs bakuduba ukweseka iqembu lesizwe.
"Siyayihlonipha imibono yabalandeli ngoba ibhola silibheka ngezindlela ezingafani sonke. Ngingabona ngenye indlela nomunye abone ngenye indlela. Singazondi umqeqeshi ngenxa yokuthi amqokanga uShabalala ngoba ngesikhathi embizile asimzondanga. Ngakho kufanele sigxeke ngendlela efanayo, asikwazi ukuvele sigxeke nje. Sizibekisele indawo kwiNdebe yoMhlaba ngaphansi kukaHugo Broos futhi unenqwaba yabadlali okumele akhethe kubona. Kumthathe isikhathi ukuthemba uThemba Zwane, ngakho sidinga ukuyiqonda indlela afuna iqembu lidlale ngayo. Asimyeke asebenze ngendlela yakhe ngoba ekugcineni uyena onqumayo, uyena ophethe. Thina singakhuluma kodwa ekugcineni isinqumo esiwujuqu ngesakhe. Kufanele sikuhloniphe lokho," kusho uMasango.