Ezemidlalo Ibhola

URhulani uqinise idolo uLorch ngeBafana

Xolile Mpisane|Published

OWAYENGUMQEQESHI weMamelodi Sundowns, uRhulani Mokwena, ubona uThembinkosi Lorch engenza umehluko kwiBafana Bafana.

Image: FACEBOOK / MC ALGER

 UKHOLELWA ekutheni uThembinkosi Lorch usengakwazi ukuzibuyisela kwiBafana Bafana uma eqhubeka nezinga alikhombisa kwiWydad Casablanca umqeqeshi weMC Alger, uRhulani Mokwena.

ULorch useshayele iWydad amagoli amahlanu emidlalweni eyisishiyagalolunye emiqhudelwaneni ehlukene kule sizini kodwa akakasitholi isikhala eqenjini lesizwe.

Umqeqeshi, uHugo Broos, akambizanga kwelizodlala umdlalo wobungani neZambia eGqeberha, ngoMgqibelo, futhi akubonakali ezimisele ngokumfaka esikwatini esizodlala kwi-Africa Cup of Nations kusukela ngoDisemba kuya kuJanuwari.

Nakuba kunjalo, uMokwena umile ekutheni lo mdlali akufanele alilahle ithemba. Ufanise isimo sakhe nesikaThemba Zwane owashaywa indiva nguBroos kodwa wagcina emfakile ngenxa yokudlala kahle.

"Yonke into ingashintsha ebholeni. ULorch kumele akhumbule okwenzeka kuThemba Zwane, azikhuthaze ngakho. Ngaleso sikhathi engabizwa kwiBafana, uMshishi ngamtshela ukuthi kukuyena ukuthi enze kube nzima ukuthi umqeqeshi amzibe,” kusho uMokwena engxoxweni neSouth African Football Journalists Association (SAFJA).

“Okuhle ngomqeqeshi uBroos ukuthi ngokuhamba kwesikhathi walivuma iphutha lokuziba uZwane. Kufanele simhloniphe ngoba uyakwazi ukuphumela obala ngezinqumo zakhe futhi uyakwazi ukushintsha umqondo. Uma uLorch eqhubeka kanje, maningi amathuba okuthi angabuyiselwa kwiBafana."

UMokwena, osebenze noLorch kwi-Orlando Pirates, Mamelodi Sundowns nakwiWydad, ukholwa wukuthi lo mdlali angaba yisikhali esiswini seBafana njengoba ekwazi ukwakha amagoli aphinde abhakuzise inethi.

Ukulimala kukaZwane odlala emuva kwabagadli, kuvulele indawo uSipho Mbule wePirates. Lena yindawo akwaziyo ukuyidlala uLorch.  

“Kufanele siqonde ukuthi abadlali abafani kodwa bangakwazi ukudlala endaweni ethize ngendlela yabo. Bobathathu laba badlali, uMshishi, Lorch noSipho, bangabadlali abamangalisayo. Kunezinto omunye azenzayo laba abanye abangeke bakwazi ukuzenza,” uqhube kanje.

“Okunye kuncika kumqeqeshi ukuthi usuke elindeleni kumdlali amfaka kunombolo-10, nokuthi iqembu lakhe ufuna lidlale kanjani. Abanye abaqeqeshi bafuna ibhola lisheshe lifike phambili kanti abanye abanankinga ngamaphasi amaningi."