Ezemidlalo Ibhola

Ubuhixihixi ezinhlelweni zeBafana ngaphambi kwe-Afcon

Xolile Mpisane|Published

ABADLALI beBafana Bafana bezicijela umdlalo wobungani neZambia

Image: BACKPAGEPIX

KUBUKEKA kukhona okufanayo emalungiselelweni eBafana Bafana e-Africa Cup of Nations ka-2025 nawamaqembu esizwe amancane, Amajita naMajimbos. 

Amajita adlale eNdebeni yoMhlaba ka-Under-20 eChile nonyaka, kanti Amajimbos abambe iqhaza kweka-Under-17 eqhubekayo eQatar njengamanje.

Womabili la maqembu afike sekusondele isikhathi iqale imiqhudelwano yawo, kanti awabanga nayo imidlalo eyanele yokuyilungiselela.

IBafana Bafana izobhekana neZambia eNelson Mandela Bay Stadium, eGqeberha, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama. Lo mdlalo yiwona kuphela ezowudlala kuleli windi lemidlalo yamazwe ngamazwe.

Umqeqeshi, uHugo Broos, uthe akanankinga ngokuthi iqembu lakhe lizodlala umdlalo owodwa njengoba abadlali bekudinga ukuphumula.

Nokho, zikhona izinto ezingamchazanga njengokushintshwa kwehhotela iqembu elikhempe kulona eGoli nezinye izinhlelo zokuzivocavoca kanye nezokuxoxa nabezindaba. Iqembu bekufanele lizilolonge eDobsonville Stadium kodwa lagcina selisebenzisa i-Ellis Park Stadium.

"Sihlangane lapha ngoba sithole umyalezo ngoMgqibelo ekuseni ovela ehhotela esijwayele ukuhlala kulo. Basitshele ukuthi ngeke sisayithola indawo kulona. Kusiphazamisile lokho njengoba bese kusele izinsuku ezimbalwa kuqale ikhempu,” kusho uBroos.

"Kudingeke ukuthi sibheke indawo entsha yokuzilolonga, ngakho-ke ngifuna ukubonga abantu base-Ellis Park ngokusivulela inkundla. Isesimeni esihle ngakho ngijabule kakhulu."

Yize iBafana izodlala owodwa kuphela wobungani, izimbangi zayo zikaGroup B zinezinhlelo ezehlukile.

I-Egypt izodlala kwi-Al Ain International Cup, e-United Arab Emirates, lapho izobhekana khona ne-Uzbekistan ngoLwesihlanu bese idlala omunye umdlalo neCape Verde noma i-Iran. 

IZimbabwe izozwana amandla ne-Algeria kanye neQatar, kanti i-Angola izogadulisana nompetha bomhlaba i-Argentina.

UBroos uphumele obala ngenselelo yeqembu lakuleli yokuthola imidlalo nezimbangi eziqinile, kodwa unethemba lokuthi lizokwazi ukuthola imidlalo engcono ngaphambi kweNdebe yoMhlaba yangonyaka ozayo.

“NgoMashi sacela ukudlala ne-Argentina, ompetha bomhlaba, kodwa kwangalunga ngenxa yemali. Kunzima ukukhipha izigidi abazifunayo,” usho kanje lo mqeqeshi.

"Mhlawumbe sizodlala neBelgium ngoJuni, Sizobona, sisaxoxa. Sidinga umdlalo oqinile ngaphambi kokuthi siye eMelika.

“Siyayidinga imidlalo kodwa akulula ukuyithola. Inselelo wukuthi uma iqembu lase-Europe noma elaseSouth America lifuna ukuza eNingizimu Afrika kufanele lihambe ibanga elide. Kunzima ngoba asiwona usoseshini ocebile.”

IBafana izoqala i-Afcon ngokubhekana ne-Angola ngoDisemba 22 ngaphambi kokutholana phezulu ne-Egypt kanye neZimbabwe kweminye yamaqoqo.

UBroos ukhalile ngokuthi umdlalo wamanqamu weCarling Knockout uzodlalwa ngoDisemba 6, okusho ukuthi kunabadlali be-Orlando Pirates abazofika ekhempini yeqembu lesizwe ngoDisemba 8 bephuma kulo mdlalo onzima.