Ezemidlalo Ibhola

IDurban City FC ixwayisa umphakathi ngamaqola

Xolile Mpisane|Published

IDURBAN City ixwayisa abazali nabadlali ngamaqola athatha imali ethembisa izindawo eqenjini elincane.

Image: SIGCINIWE

IQEMBU elizinze eThekwini elidlala kwiBetway Premiership, iDurban City FC, lixwayise umphakathi mayelana nabasebenzisa igama lalo ngokungemthetho ukuze baqole umphakathi.

Leli qembu lidalule ukuthi kusabalele izikhangiso eziwumgunyathi ezinkundleni zokuxhumana uFacebook, Instagram, naku-WhatsApp, ezifuna abazali nabadlali bakhokhe imali ukuze bathole ithuba lokuhlolwa yiqembu elincane.

Abanye abakhohlisi baze bazenza amalungu ethimba labaqeqeshi ukuze baluthe abazali nabadlal, bebakhokhisa imali yezikhala “eziqinisekisiwe”.

"Lezi zikhangiso zomgunyathi azigunyaziwe futhi azixhumene neDurban City FC," kusho isitatimende seqembu. 

"Zonke izivivinyo ezisemthethweni zimenyezelwa emakhasini ethu aqinisekisiwe ezinkundleni zokuxhumana nakwi-website yeqembu. Ngeke silokothe sicele ukukhokhelwa ngo-WhatsApp noma ngokufakelwa imali ebhange.”

Iqembu lithe selijube ithimba labameli ukuthi liphenye ngalolu daba futhi lizobika lezi zigameko emaphoyiseni nasezinkundleni ezifanele.

Abazali bayanxuswa ukuthi bahlale beqaphile futhi baqinisekise ukuthi bathola imininingwane eqondile ephuma eqenjini.

IDurban City FC igcizelele ukuthi isazibophezele ekuthuthukiseni ithalente labadlali abasebancane ngendlela ephephile, yaphinde yabonga umphakathi ngokusiza ukunqanda ukubhebhetheka kwale mikhonyovu.