ILAHLISA ithemba inkulumo yomqeqeshi we-Orlando Pirates, u-Abdeslam Ouaddou, ngokubonakala enkundleni kukanozinti weZimnyama, uMelusi Buthelezi, olizwa ngendaba ijezi kule sizini.
UButhelezi (27) waseNquthu, wajoyina iPirates esuka kwiTS Galaxy ngo-2023 ekade eyinsika ye-The Rockets futhi eseqala nokubizwa kwiBafana Bafana kaHugo Broos. Nokho izinto zimshintshele kweZimnyama ngaphansi komqeqeshi, uJose Riveiro, owaqoka uSipho Chaine njengonozinti wokuqina weqembu. Ngesizini ka-2023/2024, uButhelezi wadlala imidlalo engu-13 kuyona yonke imiqhudelwano. Lesi sibalo sehlele kweyisihlanu ngeka-2024/2025.
Ukufika komqeqeshi omusha, u-Ouaddou, okholelwa ekunikeni ithuba bonke abadlali, kwenyuse ithemba lokuthi uzolithola ithuba noButhelezi oselahlekelwe nayindawo kwiBafana. Nokho lokhu akucaci kwazise u-Ouaddou akayizwa eyokushintsha unozinti nakuba ezishaya isifuba ngokuthi akekho umdlali onendawo yakhe kwiPirates. Selokhu kuqale isizini ka-2025/2026, kwiPirates kuvimba uSipho Chaine obukeka esezibekisele indawo njengonozinti wesibili kwiBafana. UChaine uqokwe njengonozinti ovelele kwiBetway Premiership ngesizini ka-2024/2025. Emidlalweni engu-10 yePremiership, usangenelwe ngamagoli ayisihlanu.
Abanye onozinti bePirates nguSiyabonga Dladla (24) no-Ethan Visagie (23) abasuka kwiDStv Diski Challenge. UButhelezi noDladla yibona abashintshana ngokuhlala ebhetshini kwiPirates.
"Ubalulekile umsebenzi owenziwa ngonozinti nsuku zonke. Indawo yonozinti ikhethekile. Umqondo wonozinti ukhethekile. Ngijwayele ukuthi onozinti basemhlabeni wabo bodwa. Asikwazi ukubaqhathanisa nabo bonke abadlali. Nakuba nabo bengabadlali kodwa banendlela ehlukile yokucabanga. Kufanele sixhumane babo, sibathembe, sibaqinise. Ngiyazi ukuthi nginonozinti abane abaseqophelweni eliphezulu,"kusho u-Ouaddou.
Okwamanje uSipho wenza kahle kakhulu. Indawo yonozinti ibalulekile kimina, akulula ukushintsha ngoba uma siqinile kuyona futhi singangenelwa ngamagoli, akulula ukushintsha. Kodwa engingakusho wukuthi nginonozinti abahle, abasebenza kanzima futhi abagxile emsebenzini wabo. Ngijabule kakhulu ngabo, uButhelezi, uDladla noVisagie, benza umsebenzi omuhle eqenjini."
IPirates ephume ekuseni kwiCaf Champions League, izobhekana neMarumo Gallants emdlalweni wamanqamu weCarling Knockout ngoDisemba 6 ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane. Ngaphambi kwalokho, izodlala emithathu yeligi neChippa United (Novemba 25), Durban City (Novemba 29) neRichards Bay (Disemba 2).