UTSHEPANG Moremi we-Orlando Pirates ngomunye wabadlali okubhekwe ukuthi basize leli qembu uma selibhekene neRichards Bay FC emdlalweni owandulela owamanqamu weCarling Knockout eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, kusasa ntambama
Image: Isithombe:BACKPAGEPIX
UMQEQESHI we-Orlando Pirates, u-Abdeslam Ouaddou, ufuna iqembu lakhe liguqule ingcindezi yokudlala komunye umdlalo owandulela owamanqamu ibe yisikhuthazi esizobafaka kowamanqamu.
EZimnyama zizobhekana neRichards Bay kowandulela owamanqamu weCarling Knockout eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, kusasa ngo-3 ntambama.
Leli qembu libheke ukungena kowamanqamu okwesibili kule sizini kulandela ukuphakamisa indebe yeMTN8, lapho linqobe khona iStellenbosch FC ngo 3-0.
ICarling iyona kuphela indebe ephunyukile kumasizini adlule kwiPirates ngesikhathi iqoqa izindebe zomkhumulajezi ngaphansi komqeqeshi waseSpain, uJose Riveiro.
Ngo-2023, yakhishwa yiRichards Bay sekukhahlelwa amaphenathi kuma-quarterfinal, kwathi ngonyaka odlule, lakhishwa yiMagesi FC ngo 3-2 emzuliswaneni wokuqala.
"Ingcindezi ihlezi ikhona kodwa kuya ngokuthi hlobo luni. Kunengcindezi ongakwazi ukumelana nayo, ongakwazi ukuyilawula. Kodwa kunenye ingcindezi engeyinhle ehambisana novalo. Asikho isidingo sokwesaba uma udlala ibhola, into oyithokozelayo. Abantu basuke bephume ngobuningi bezokweseka,” kusho u-Ouaddou.
“Abadlali ngibatshela ukuthi bakhiphe wonke amangwevu. Ngibakhuthaza ukuthi umjuluko wonke bawushiye ejezini. Ngisho noma ungadlali kahle abantu bazokuxolela uma bebona ukuthi uyagijima futhi wenza konke okusemandleni akho.
“Kuqala ekutheni wenze konke okufanele, uzilolonge kahle, ulale ngesikhathi esifanele, udle ukudla okufanele futhi uwuhloniphe umsebenzi wakho. Uma ungalihloniphi ibhola nalo ngeke likuhloniphe.”
Mayelana nomdlalo wakusasa, u-Ouaddou uthe ulindele ubunzima kwazise iBay izobe idlalela ekhaya futhi ihlose ukudlulela kowamanqamu.
“Kuzoba wumdlalo onzima kakhulu ngoba badlalela ekhaya futhi bafisa ukuthi womabili amaqembu aKwaZulu-Natal adlulele kowamanqamu,” uqhube kanje lo mqeqeshi.
"Wumdlalo obaluleke kakhulu kithina. Sesiyithathile indebe eyodwa kule sizini kodwa bonke abadlali bami kanye neqembu lonkana bazimisele kakhulu. Lo mqhudelwano siwuthatha njengento ebaluleke kakhulu futhi sizimisele ukufinyelela kowamanqamu.
“Sizobhekana neqembu elihle kakhulu elixube abadlali abanamava nabasebancane abashisayo. Liphekwa ngumqeqeshi osezingeni eliphezulu futhi olaziyo iqembu lakhe, umqeqeshi onamava nowenza umsebenzi omuhle.”
Kubadlali okubhekwe ukuthi bawenze iPirates kukhona uSipho Mbule, Thalente Mbatha, Oswin Appollis, Tshepang Moremi nabanye.
Komunye owandulela owamanqamu weCarling ozodlalelwa eKing Zwelithini Stadium, ngeSonto ngo-3 ntambama, iLamontville Golden Arrows izotholana phezulu neMarumo Gallants.
Related Topics: