Ezemidlalo Ibhola

Kuzobungazwa uKolisi noRassie kowamagqubu neFrance

Xolile Mpisane|Published

UKAPUTENI wamaBhokobhoko uSiya Kolisi nomqeqeshi uRassie Erasmus

Image: BACKPAGEPIX

UZOPHELEZELWA yimibhiyozo ekhethekile umdlalo wakusasa wamagqubu ozoba uphakathi kweqembu lakuleli labesilisa lombhoxo, amaBhokobhoko, neFrance.

Lo mdlalo obhekwe ngabomvu, uzoqala ngo-10.10 ebusuku eStade de France, eSaint-Denis, eFrance. 

Ukaputeni, uSiya Kolisi, uzoba ngumdlali wesishiyagalolunye wamaBhokobhoko ukudlala imidlalo engu-100 eqenjini lesizwe uma esehola iqembu kusasa.

Lona kuzophinde kube wumdlalo ka-Erasmus ka-50 ezibambele mathupha iqembu njengonhloko yabaqeqeshi.

"Lo mdlalo usho lukhulu kuSiya futhi sonke siyamjabulela. Ungumdlali osezingeni eliphezulu, ngakho-ke ugxile ngokuphelele emsebenzini okufanele awenze, ngeke avumele ukuthi kube khona okuphazamisa okufanele akwenze enkundleni,” kusho u-Erasmus.

“Lona wumdlalo omkhulu futhi iqembu lonke liyazi ukuthi iFrance izozimisela kangakanani ukuziphindiselela njengoba sayikhipha eNdebeni yoMhlaba ekhaya ngo-2023. Impumelelo kaSiya sizoyibungaza ngemuva komdlalo. Noma kunjalo, ngiyethemba ukuthi sizokwenza kube wumdlalo ozoba nezinkumbulo ezithokozisayo.”

U-Erasmus wenze izinguquko eqenjini elishaye iJapan ngempelasonto edlule. Phambili, uBoan Venter uzovala isikhala sika-Ox Nche olimele, kuthi uThomas du Toit athathe indawo kaZachary Porthen. U-Eben Etzebeth uzongena esikhaleni sika-RG Snyman, uPieter-Steph du Toit adlale endaweni kaFranco Mostert.

Emuva, uDamian Willemse uzoqala kwi-fullback bese uCheslin Kolbe ethatha indawo ka-Ethan Hooker ephikweni.

“Besivele sihlele ukwenza izinguquko ezimbalwa kulo mdlalo futhi leli yiqembu esibona ukuthi likulungele ukubhekana nesikulindele eFrance,” kusho u-Erasmus.

 

Iqembu lamaBhokobhoko elizobhekana neFrance

Abazoqala: 15 Damian Willemse, 14 Cheslin Kolbe, 13 Jesse Kriel, 12 Damian de Allende, 11 Kurt-Lee Arendse, 10 Sacha Feinberg-Mngomezulu, 9 Cobus Reinach, 8 Jasper Wiese, 7 Pieter-Steph du Toit, 6 Siya Kolisi (ukaputeni), 5 Lood de Jager, 4 Eben Etzebeth, 3 Thomas du Toit, 2 Malcolm Marx, 1 Boan Venter.

Abasebhentshini: 16 Johan Grobbelaar, 17 Gerhard Steenekamp, 18 Wilco Louw, 19 RG Snyman, 20 Ruan Nortje, 21 Andre Esterhuizen, 22 Grant Williams, 23 Manie Libbok.