UMDLALI weReal Madrid uTrent Alexander-Arnold angase abhekane neqembu lakhe lakudala njengoba bezodlala neLiverpool kowe-UEFA Champions League kusihlwa.
Image: FACEBOOK
AMEHLO azobe ethe njo e-Anfield kusihlwa njengoba umdlali owakhulela kuleli qembu, uTrent Alexander-Arnold, ezobe ebuya okokuqala eseyisitha salo.
U-Alexander-Arnold (27) ushiye iLiverpool ngoJuni sekuzophela inkontileka yakhe, wajoyina izinkunzi zaseSpain, iReal Madrid.
La maqembu azobhekana emdlalweni wamaqoqo we-UEFA Champions League ozoqala ngo-10 kusihlwa enkundleni yeLiverpool eseMerseyside.
Lo mdlali oyibamba emuva ngakwesokudla wafika kwinkulisa yeLiverpool eneminyaka eyisithupha ubudala. Wadlala okokuqala eqenjini elikhulu ngo-2016 ngaphansi komqeqeshi uJurgen Klopp.
Kule minyaka ayidlalile unqobe inqwaba yezicoco neLiverpool okubalwa kuzona eseChampions League ngo-2019 nesePremier League ngo-2020.
Ushiye leli qembu eseyiphini likakaputeni, uVirgil van Dijk. Ukuhamba kwakhe akuhlalanga kahle kwabanye abalandeli beLiverpool, ikakhulukazi njengoba edabuka eMerseyside, lapho iqembu lizinze khona.
Ekhuluma esithangamini nabezindaba, uVan Dijk uthe ulindele ukuthi lo mdlali amukelwe kahle e-Anfield ngenxa yezinto ezinhle azenzela iqembu.
“UTrent ungumdlali osezingeni eliphezulu, ukukhombisile kaningi lokho. Ungumdlali onesiphiwo futhi ubebalulekile eqenjini kuyona yonke le minyaka ," kusho uVan Dijk ekhasini leLiverpool kwi-YouTube.
"Kwakumnandi ukubambisana naye ngesikhathi sisadlala ndawonye kodwa ngoLwesibili uzobe eseyimbangi. Uma kwenzeka edlala kuzomele simvimbe, angakwenzi lokho azobe ehlose ukukwenza.
“Anginaso isiqiniseko sokuthi abalandeli bazomamukela kanjani, ngakho-ke angithandi ukuphawula ngalokho. Ngokwami ngikholwa wukuthi kuningi akwenzela iqembu, yilokho kuphela engingakusho."
Kungenzeka u-Alexander-Arnold agcine engadlalanga kulo mdlalo kwazise akakabuyeli enkundleni selokhu adonseka umsipha ngoSepthemba. Nokho, ubekhona ebhentshini emidlalweni emibili yakamuva yeLa Liga neBarcelona kanye neValencia.
Imidlalo ye-UEFA Champions League yangoLwesibili
7.45pm - Slavia Praha vs Arsenal, Napoli vs Eintracht Frankfurt
10pm - Atlético Madrid vs Union Saint-Gilloise, Bodø/Glimt vs AS Monaco, Juventus vs Sporting CP, Liverpool vs Real Madrid, Olympiacos vs PSV Eindhoven, Paris Saint-Germain vs Bayern Munich, Tottenham Hotspur vs FC Copenhagen
Related Topics: