Ezemidlalo Ibhola

Kuzocaca namuhla kwawaseMzansi adlala eyeCaf

Xolile Mpisane|Published

AZOZAZI namuhla izimbangi zawo amaqembu amathathu azomela iNingizimu Afrika emiqhudelwani yeCaf.

Image: BACKPAGEPIX

AMAQEMBU azomela iNingizimu Afrika emiqhudelwani yeCaf kule sizini ka-2025/26 azokwazi namuhla ukuthi azobhekana namaphi esigabeni samaqoqo njengoba ezoqhathwa eGoli ntambama.

Kuzoqalwa ngeCaf Confederation Cup ngo-1 ntambama lapho iNingizimu Afrika imelwe khona amaqembu amabili aphumelele emidlalweni yokuhlunga, iStellenbosch FC neKaizer Chiefs.

Angu-16 amaqembu azibekisele izindawo azofakwa emabhodweni amane ahlukene okuzotonyulwa kuwona. Ahlukaniswe ngokwemiphumela yawo emiqhudelwaneni yeCaf eminyakeni emihlanu edlule.

Ebhodweni lokuqala kwaweConfederation Cup kukhona iZamalek yase-Egypt, iWydad yaseMorocco, i-USM Alger yase-Algeria neCR Belouizdad yase-Algeria, wonke azongena emaqoqweni ahlukene.

Kwelesibili kukhona iStellenbosch, i-Al Masry SC yase-Egypt, i-AS Maniema Union yaseDemocratic Republic of Congo ne-AC Djoliba yaseMali.

Mabili kuphela asebhodweni lesithathu, okuyiChiefs ne-AS Otoho yaseCongo, azoyiswa kuGroup C noGroup D, okusho ukuthi amanye amaqembu amabili azogcwalisa uGroup A noGroup B  azotonyulwa ebhodweni lesine.

Lona lihlanganise iFC San Pedro yase-Ivory Coast, iNairobi United FC yaseKenya, i-Olympique Club de Safi yaseMorocco, awaseTanzania i-Azam FC neSingida Black Stars kanye neZesco United yaseZambia.

Kungenzeka iChiefs neStellenbosch bazithole beseqoqweni elilodwa njengoba amaqembu engahlukaniswa ngobuzwe.

Kuzokwenzeka okufanayo uma sekuqhathwa angu-16 azogadulisana kwiChampions League ngo-2 ntambama.

Amaqembu ahamba phambili asebhodweni lokuqala yi- Al Ahly FC yase-Egypt, iqembu lakuleli iMamelodi Sundowns, i-Espérance yaseTunisia neRS Berkane yaseMorocco.

Kwelesibili kuboshelwe awaseTanzania iSimba SC neYoung Africans, iPyramids yase-Egypt ne-Al Hilal yaseSudan.

Kwelesithathu kuhlangene i-Atlético Petroleos yase-Angola, i-AS FAR yaseMorocco, iRivers United yaseNigeria neqembu lase-Algeria eliqeqeshwa nguRhulani Mokwena, iMC Alger.

Amaqembu asebhodweni lokugcina elizogcwalisa la maqoqo amane kuboshelwe iJS Kabylie yase-Algeria, iStade Malien yaseMali, iPower Dynamos yaseZambia neSaint Eloi Lupopo yaseDemocratic Republic of Congo. 

Lokhu kuchaza ukuthi kungenzeka uMokwena asheshe abhekane neqembu lakhe lakudala, iSundowns, uma befakwa eqoqweni elilodwa. 

Yomibili imicimbi yokuqhathwa kwamaqembu izosakazwa bukhoma ekhasini leCaf kwi-YouTube nakwiSuperSport.