Ezemidlalo Ibhola

OweChiefs uncome abasuke ebhentshini benza umehluko

Xolile Mpisane|Published

ABADLALI beKaizer Chiefs uFlavio Silva noThabiso Monyane bejabulela igoli elibanqobise iDurban City ngoLwesihlanu ebusuku.

Image: BACKPAGEPIX

UNCOME abadlali abaqhamuke ebhentshini ngokusiza iqembu ngesikhathi linqoba iDurban City ngo 1-0 emdlalweni weBetway Premiership ngoLwesihlanu ebusuku omunye wabaqeqeshi beKaizer Chiefs, uKhalil Ben Youssef. 

Abadlali abane abangene esiwombeni sesibili, uThabo Cele, Thabiso Monyane, Gaston Sirino, noFlavio Silva bonke babe nesandla ekwakhiweni kwegoli elibekwe nguSilva enethini ngekhanda ngomzuzu ka-88.

Lo mphumela ubeke Amakhosi endaweni yesithathu kwi-log ngamaphuzu angu-19 emidlalweni engu-10. Asele ngamaphuzu amabili kwiMamelodi Sundowns esaqhwakele.

"Kufanele ngibongele abadlali, basisizile. Besilindele ukuthi umdlalo ube nzima ngemuva kokudlulela esigabeni samaqoqo (eCaf Confederation Cup) ngesonto eledlule," kusho uBen Youssef.

“Sinqume ukugcina isikwati esifanayo. Besidonsa kanzima ngesiwombe sokuqala, silahla amabhola futhi senza inqwaba yamaphutha. Senze izinguquko esiwombeni sesibili, safaka abadlali abasha.

"Kufanele ngibashayele ihlombe abadlali abasuke ebhentshini, basinike ebesikudinga. Ibhola ligotshwe nguSirino, uSilva walivalela phakathi. Siyabahalalisela abadlali ngendlela abadlale ngayo."

Olandelayo weChiefs kuzoba oweligi ne-Orbit College FC eFNB Stadium ngoLwesibili ebusuku. UBen Youssef uthe inhloso yabo wukuqhubeka nokuqoqa amaphuzu.

"Lo mdlalo usuphelile. Sesizolungisela olandelayo. Sibheka umdlalo ngamunye,” uqhube kanje.

“Ngasekuqaleni kwesizini edlule sidlale kahle emidlalweni eminingi kodwa asizange siyithole imiphumela emihle. Manje sesicabanga ngemiphumela kuqala. Inhloso yethu ukunqoba imidlalo, kodwa sizojabula uma kuhambisana nokudlala ibhola elihle.”

Khonamanjalo, iSekhukhune United isabambelele endaweni yesibili kwi-log nakuba inqotshwe yiSiwelele FC ngegoli likaSiviwe Magidigidi ngoLwesihlanu ebusuku.

ISekhukhune isihlulwe imidlalo emibili yeligi ilandelana kanti isinamaphuzu angu-20 emidlalweni engu-10.

IDurban City isendaweni yesihlanu ngamaphuzu angu-15 emidlalweni engu-11.